KULINDELEKE ukuthi sikhonjiswe ngoLwesihlanu oluzayo isiqephu sokugcina sohlelo iThe Real Housewives of Durban, lolu hlelo belukhonjiswa kwiShowmax kusukela ekupheleni kukaJanuwari.
Isiqephu esaziwa ngeThe Reunion besiqoshwa ngoMsombuluko nayizolo eGoli.
UPhat Joe kulindeleke ukuthi ahole uhlelo lokugcina, okujabulise abantu abaningi ukuvela kwalezi zindaba.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi ngoLwesihlanu esiya kulona, ngeke sibe khona isiqephu salolu hlelo njengoba amalungiselelo okugcina enziwa luqala lolu hlelo.
“Uhlelo lolu abantu abazolujabulela kakhulu uma sebebona isiqephu sokugcina esizobe sishisa bhe, futhi nemibuzo abebenayo izophenduleka eminingi yayo. Silindele ukuthi abantu bakhulume kakhulu ngalolu hlelo uma selugoqiwe njengoba bekwenzeka njalo ngoLwesihlanu uma selukhonjiswa,'’ kusho umthombo ongeke udalulwe.
Umthombo uveze ukuthi amahlebezi okuthi uPhat Joe ozothula lolu hlelo, ayiqiniso.
Abantu abakubheke ngabomvu ukuzwa incazelo ka-Ayanda Ncwane, ngamazwi angehlanga kahle kwabaningi awasho ngoLwesihlanu olwedlule.
U-Ayanda usolwa ngokucwasa ngemuva kokuthi esiqeshini sangoLwesihlanu, ezwakale echazela umfowabo uPhupho Gumede, ngobekwenzeka engekho wathi "uKgomotso akayena umuntu ungumTswana.
Abaningi baveze ukuthi inkulumo ka-Ayanda ayizwakali, kumele ayichaze kabanzi.
Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi uzochaza kabanzi ngenkulumo yakhe uma sebehlangene bonke nabanye besifazane.