ABESIFAZANE abathandana neziboshwa bazochaza kabanzi ukuthi bahlangana kanjani nabesilisa abadonsa iminyaka emajele.
Kanti kuzozwakala nohlangothi lweziboshwa ezidonsa iminyaka emajele. Zizochaza ngobudlelwano bazo nezithandwa zazo yize zidonsa emajele.
Uhlelo olubizwa ngokuthi A prisoner stole my heart, luzoqala ngoMgqibelo esiteshini iHoney TV(173), ngo-4.30 ntambama.
Kulindeleke ukuthi abesifazane bechaze kusukela bebonana, beqomana noma seziboshwa izithandwa zabo. Badalule ukuthi kungani bethandana nabantu ababoshiwe.
Kubanatu besilisa asebapuma emajele abazoveza uvo lwabo ngempilo nezinselelo zokuthandana nabesifazane uma bengaphakathi noma sebengaphandle kwejele.
Isiteshi sethelevishini iHoney, sidalule ukuthi ziningi izinhlelo ezifana nalezi okumele zinekelwe umphakathi ngoba yinto eyenzekayo empilweni futhi abantu bayafuna ukwazi kabanzi ngayo.
“Kulolu hlelo kukhona izithandani ezizoveza izincwadi ezazibhalelana zona. Abanye bazochaza ukuthi kwabanjani bevakashelana okokuqala njengoba abanye bahlangana besengaphandle abanye batholana ezinkundleni zokuxhumana bagcina bethanda,” ngokwesitatimende sesiteshi.
UZinzi Velelo okhulumela isiteshi iHoney, uthe kule nyanga banezinhlelo ezahlukene ezintsha iningi lazo eliqala kuleli sonto nezinye ezibuyayo.
“Umpheki u-Asisipho Burwana, ozakhele igama ebonakala epheka ezinkundleni zokuxhumana emakhasini akhe, uzoqala ukubonakala kulesi siteshi ohlelweni oluthi The Cook. Okuzohluka ngo-Asisipho nohlelo lwakhe ukuthi uzosiza abantu bangachithi imali eshisiwe bethenga izinto abazozisebenzisa uma bepheka kodwa uzobakhombisa ukuthi yini abangayisebenzisa abanayo emakhaya ukupheka ukudla okwehla esiphundu,” kuchaza uZinzi.
Lolu hlelo uthe luzokhonjiswa ngeSonto ngo-4 ntambama.
Ezinye izinhlelo ezishaya ibuya kubalwa i7 Colours okuwuhlelo lokupheka olwethulwa nguMam’Lillian Dube noMoshe Ndiki, noluzoqala ngoMeyi 21 ngo-5 ntambama.
UMkhulu Rametsi uzobonakala eqhubeka esiza abantu ohlelweni oluthi Sangoma Khanyisa, oluzoqala ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.