KUZOBA khona izinguquko ezinhlelweni zesiteshi iHoney TV kwiDStv (173) okubalwa kuzo iThis Money Will Change my Life, okuwuhlelo olusiza abantu abafuna ukuqala amabhizinisi.
Isizini entsha yalolu hlelo olwethulwa uSiyabonga Ngwekazi izoqala ngoFebhuwari 12, ngo-6 ntambama.
Kwisizini yokuqala, abahlanu abazama ukuthola imali enguR25 000 abazoqala ngayo amabhizinisi abo bebebika ukuthi le mali bazoyisebenzisa kanjani kumethuli wohlelo uSiyabonga, amajaji kanye nezihlwele ebeziba sohlelweni bukhoma.
UZinzi Velelo ongumphathi wezinhlelo kulesi siteshi uveze ukuthi izinhlelo abakhethe ukuzibuyisa manje ngamasizini amasha yizona ezenza kahle esiteshini nokukhombisa ukuthi abantu bayazithakasela.
“Ababukeli balolu hlelo sebezosala ngaphandle manje, bangabi nazwi ekutheni ubani okumele adle umhlanganiso, athole imali. Amajaji kanjalo nomethuli wohlelo yibona abazobonisana ngokumele kwenzeke kuze kube sekugcineni la bethatha khona isinqumo,” kuchaza uZinzi.
Uveze ukuthi uhlelo abagadla ngalo olusha kule nyanga ngoluthi I Got Out Alive. Uthe lona luzoqala ngoFebhuwari 12, lulungele abantu abathanda ukuhambela izindawo ezingamahlathi nezintaba, nokuhambela amanye amazwe ukuze babone izinto ezithinta imvelo.
"Ohlelweni sobona abantu abazokhuluma ngezigameko ezacishe zabasa kwagoqanyawo nokungeke nje kodwa kube ngezithinta laba abasinda behamba ezindaweni eziyingozi. Siyazi ukuthi muva nje, kuke kwanda izigameko zokuthwalwa kwabantu besifazane kakhulu nazo zizovela, ezezingozi ezinyantisa igazi sizozibona nezokuhlukumezeka kwanoma yiluphi uhlobo, zizogqama njengoba sifuna ukubheka izigameko ezahlukene,” kusho uZinzi.
Uthe abantu abazoxoxa lezi zindaba yibona ezabehlela nokuyinto esiyenziwa kulezi zinsuku ezinhlelweni ezifana nalolu.Uveze ukuthi eZambia bakhethe ukuzenzela olwabo uhlelo oluthi Yes, I Have HIV, noluzothulwa yisishoshovu esiphila naleli gciwane, uPaul Banda.
Uthe eZambia baphinde benza uhlelo iMy Horror Love Story noluzohluka kolwakuleli. Olunye uhlelo olubuyayo ngoFebhuwari 11 iSangoma Khanyisa! oluzoqhubeka lwethulwe umelaphi uMkhulu Rametsi.
UMoshe Ndiki noLillian Dube bakhuza ibuya nabo kulesi siteshi nohlelo i-7 Colours.
UNomsa Buthelezi-Shezi naye uzoqhubeka nokwethula isizini yesibili yohlelo oluthi Mama Vs. Makoti.