KULINDELEKE ukuthi iphele ngegiya eliphezulu isizini yokuqala yomdlalo iGomora, okuwumdlalo ohamba phambili ngokubukwa ezinhlelweni zeDStv.
Isizini yesibili izoqala ngo-Ephreli 26, okulindeleke ukuthi abalingisi abaqavile okukhona kubo uKatlego Danke noZolisa Xaluva babuye kuyona.
Imindeni emibili ebonakala kulo mdlalo nayo izobuya kuqhubeke izinkinga zayo njengoba kuzoba khona ukuphuka kwezinhliziyo, ukuvela kwezimfihlo nokufa komuntu okuzothusa ngisho ababukeli balo mdlalo.
UNomsa Philiso ongumqondisi wezinhlelo zakuleli kwiDStv, uveze ukuthi:“Indawo kaMam’Sonto (Connie Chiume) kuzobukeka intengantenga njengoba kuzobuya ifu lokushona kukakhwenyana wakhe kudunwa imoto, . Ababukeli bazobona uGladys (Thembi Seete) efuna ukuziphindiselela nalapho uMam’Sonto ezozama izindlela eziwubugebengu okuholela ekutheni indodana yakhe izithole isifunwa amaphoyisa. Ukushona komuntu kwenza uThathi noMelusi basondelane kakhulu,” kuchaza uNomsa.
Uveze ukuthi njengoba lo mdlalo uhamba phambili ngababukeli, nakulokhu abangabazi ukuthi uzoqhubeka nokwenza kahle njengoba usazodonsa ababukeli.
“Ukungezwani kwemindeni emibili kulo mdlalo kusazoqhubeka, siyathemba ke ukuthi ababukeli bazoyijabulela nesizini yesibili ezayo, ezokhombisa ngempilo yale mindeni ehlala elokishini e-Alexandra,” kuchaza uNomsa.
Uveze ukuthi okwamanje ngeke bamusho umlingisi ozoshona kulo mdlalo okuzokwenza ukuthi kube khona impi enkulu kule mindeni.
“Ukufa kwalo muntu kuzobaphatha kabi abaningi, kule mindeni yomibili kuzoba nokungezwani okungakaze kubonakale kulo mdlalo selokhu waqala. Uthando kubantu abahlukene luzoqhubeka lwakheke, kuzoba nokungathembani kanti ke nobugebengu yinto esazoba khona,” kuchaza yena.
Ababukeli balo mdlalo okumele bakubheke ukuthi ngabe le mindeni izokwazi yini ukuthi igcine ithelelane amanzi.