ISIQALILE inkonzo yomngcwabo wengwazi yomlingisi eSoweto theatre, eGoli.
UPatrick Shai ushonele emzini wakhe oseDobsonville, eSoweto, ngoMgqibelo ekuseni kanti kusolwa ukuthi uzibulele.
Izihlobo nabangani bashiyelana inkundla bencoma amagalelo ale nqalabutho. Akusiwona kuphela umsebenzi wakhe wokulingisa ophakanyiswayo, kodwa nalowo wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesimame nezingane, ukukhuthaza abantu besilisa ngokubhekana nokhwantalala.
Khuluma Ndoda, ingenye yezinhlangano okuthiwa zasungulwa uShai ngenhloso yokuqashisa nokucathulisa abantu besilisa ukuba bangafeli ngaphakathi ngezinkinga ababhekana nazo.
Omunye wosolwazi abebe yizikhulumi kulo mngcwabo, uveza ukuthi uShai ubeseqalile ukwenza ucwaningo olunzulu ngesihloko sokuhlukunyezwa kwabesimame nezingane.
Konke lokhu ukwenza njengenxenye yomsebenzi wakhe awuqala ngemuva kokuba aphumele obala ukuthi naye ungomunye wamadoda ayehlukumeza, ngoba naye wayemuhlukumeza umkakhe.
NgoLwesine, umndeni, izihlobo, abangani kanjalo nabalingisi bakuleli bahlanganyele ndawonye eMarket Theater eGoli lapho bekubanjelwe khona inkonzo yesikhumbuzo.
UMasechaba Shai, ongunkosikazi kamufi, usukume nokunxusa abantu bakuleli ukuba bangabe sebemgxeka kakhulu umyeni wakhe. Uthi abantu kumele bafunde ukuzikhomba nabo ngaphambi kokuba bakhombe omunye umuntu ngoba akusoka lingenasici.
Ubuye wanxenxa izingane zakhe ukuba zingakunaki okubhalwa ezinkundleni zokuxhumana ngobaba wazo.
“Zingane zami, ningakuthatheli phezulu okushiwo abantu ngobaba wenu ngoba niyamazi. Ubengeyona ingelosi. Angiyona ingelosi futhi nani animsulwa, kodwa yize kunjalo, ubengumuntu. Ningizimu Afrika, asixoleni ngoba uNkulunkulu usixolela ngaso sonke isikhathi,” kusho yena.
UNgqongqoshe wezoBuciko namaSiko uNathi Mthethwa, naye uncome amagalelo kaShai washo nokuthi iNingizimu Africa ilahlekelwe ngale nqalabutho.
Kusukela zivelile izindaba zokushona kukaShai ngoMgqibelo, imiyalezo yenduduzo ilokhu ingena ilakanyana.
IStained Glass, okuyinkampani eqopha umdlalo Uzalo, asanda kubonakala kuwona, ithe iphatheke kabi ngokushona kwakhe.
UShai udlale emidlalweni eminingi okubalwa kuyo iBophelo Ke Semphekgo, Zone 14, Soul City, Moferefere Lenyalong, Skeem Saaam, 7de Laan neminye kanti ushone eselingisa kwiThe River ku-1 Magic.