KUKHALWA nxazonke ngokudlula emhlabeni komlingisi owazakhela udumo ngesikhathi elingisa indawo kaZinhle Mathe kwiGenerations, uSindisiwe “Sindi” Buthelezi.
Izindaba zokushona kukaSindi (32), owabuye walingisa nakwi-Ashes to Ashes, zidalulwe ezinkundleni zokuxhumana ngudadewabo omdala, uNonhlanhla Sikhakhane. UNonhlanhla uvele wabhala ukuthi uselahlekelwe yiwele lakhe maqede wafaka nesithombe sikamufi.
"Akekho amazwi angachaza ukuthi ngizizwa kanjani njengamanje. Lala kahle sisi. Ngiyohlale ngikuthanda." Eqhubeka uthembise ukuthi uzonakekela indodakazi kaSindi ngoba uyazi ukuthi ubeyithanda kanjani. KwiDaily Sun uNonhlanhla udalule ukuthi udadewabo uke wahlaselwa yisifo sikashukela emasontweni adlule kodwa bazitshela ukuthi kuzoba ngozimakhaza kanti uzogcina ngokudlula emhlabeni. “Yisikhathi esinzima kithi lesi. Sibonga bonke abasithumelela amazwi enduduzo.” Uchaze udadewabo njengomuntu obehlale enamancoko futhi enothando emndenini.
Kwabadlulise amazwi enduduzo kubalwa umethuli wezinhlelo zeTV, uRelebogile Mabotja othe: "Kuyadabukisa. Isizwe silokhu silahlekelwa ngabantu abasha abanenqubekela phambili. Sengathi engalala ngokuthula." Nabalingisi ake wayibamba nabo kwiGenerations, uJfta Mamabolo noThato Molamu bathe uSindi ubehlale encokola ngisho bengasekho emsebenzini.
USindi wazalelwa edolobhaneni laseRatanda, eKurhuleni, eGauteng. Ngaphambi kokuvelela kuthelevishini, waqala ukuzicija ngokulingisa emidlalweni yaseshashalazini ngakubo. Esephetha uNonhlanhla uthe umufi uzokwenzelwa inkonzo yesikhumbuzo ehholo laseRatanda ngoMgqibelo.