ABABUKELI bomdlalo iThe Queen sebeveze ukuthi besingekho isidingo sokuvala isikhala sikaVuyiswa (Zandile Msutwana), kulo mdlalo.
Lokhu kulandela ukuthi ngoMsombuluko uThembisa Mdoda olingisa indawo kaVuyiswa kulo mdlalo eqale ukubonakala kuwona.
UThembisa ulingisa le ndawo ngemuva kokulimala kukaZandile eqopha okumanje ululamela ekhaya.
Ezinkundleni zokuxhumana ababukeli balo mdlalo baveze imizwa ehlukene ngokubonakala kukaThembisa.
Abanye bathe ngabe kube ngcono ukuthi indawo yakhe imisiwe aze alulame.
Abanye bebedidekile njengoba bebezibuza ukuthi kwenzekeni kuVuyiswa abamaziyo kulo mdlalo.
UMelvy-Melz uthe: “Umoya wami awuvumi ukwamukela lo Vuyiswa. Abanye abalingisi kudalelwe ukuthi bamiswe uma besenezinkinga kuze kube bayalulama babuye emsebenzini”.
URose Roro uthe: “Ngizithola ngibuka umdlalo iThe Queen Mzansi ngibona uThembisa Mdoda elingisa indawo kaVuyiswa. Ngiyamthanda impela kodwa hhayi ukuthi alingise le ndawo”.
UMthimkhulu Rhadebe uthe: “Angimuzwa kahle lo Vuyiswa omusha”.
UMs Sharo_shaz uthe: “Uyohlala eyedwa uVuyiswa kimina. Sengikhumbule indlela amamatheka ngayo nje”.
U-Awethu Mangali uthe:“Angijabule ngalo Vuyiswa siyacela nisibuyisele uSis Vee wethu”.
UTopollo Tayx uthe: “Ngabe kungcono ukuthi bavale isikhala sikaVuyiswa ngomuntu ofana naye nse”.
UMzansi Magic ngenyanga edlule wakhipha isitatimende umemezela izindaba zokuza kukaThembisa kulo mdlalo.
Esitatimendeni bakubeka kwacaca ukuthi uZandile kudingeke ame ukuqopha njengoba elimale khona ngaphakathi kulo mdlalo, kodwa indawo yakhe izoqhubeka nokuba khona kulo mdlalo njengoba izovalwa uThembisa.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi uThembisa usazobonakala kulo mdlalo isikhashana njengoba uZandile eyoze abonakale uma sekuqala isizini entsha.