INHLANGANO yokusakaza eNingizimu Afrika iSouth African Broadcasting Corporation (SABC) ikhombisile ukuthi ingumsakazeli womphakathi ngokuthi ifakele abantu zonke iziqephu zomdlalo wakudala iYizo Yizo kwiSABC+.
I-SABC yethule i-app yayo i-SABC+ ngonyaka odlule lapho abantu bezokwazi ukubuka khona iziteshi zayo bukhoma mahhala kumaselula. Uma kukhona izinhlelo ezikuphuthile uyakwazi nokuzibuka khona ngesikhathi othanda ngaso.
Kukhona nezinhlelo ezaduma kudala njengeYizo Yizo okufakwe amasizini amathathu kuyo.
Ababethanda lo mdlalo abafuna ukuwubuka noma akade babezwa ngawo kodwa bengakaze bawubuke bazothola ithuba. Isiteshi esikhokhelwayo iNetflix iqale ukusakaza isizini yokuqala yeYizo Yizo ngesonto eledlule.
Ngiyaqonda ukuthi iSABC+ nakuyo kudla imali ukuyibuka kodwa ishibhile uma uyiqhathanisa neNetflix. Kuyona ukhokhela i-data obuka ngayo kuphela. KwiNetflix ngakolunye uhlangothi, kumele ukhokhele i-data bese ukhokhela nemali efuneka zinyanga zonke ukuze ubuke izinhlelo zayo.
Okwenziwe yiSABC kuhle ngoba akuzona zonke izinhlelo zakudala eziyokwazi ukuphindwa zisakazwe kuthelevishini njengoSgudi Snaysi. Umoya uyakhokhelwa futhi mncane ngoba sifuna ukubuka nezinhlelo ezintsha kodwa inkundla efana neSABC+ yenza kube lula kuyikho ukuthi abanganazo izindawo zokubuka nedata bazosala ngaphandle. Akufani nokuhlala kodwa.
Izinhlelo ezazidlala kwiSABC azibuye zisakazwe ezinkundleni zayo zingakhokhelwa bese kuthi abalingisi baphinde bathole ama-royalties ngomsebenzi wabo.