UKUDAYISA ngomzimba okuyinto esathathwa njengehlazo kodwa ukufika kohlelo lweShowmax, iThis Body Works For Me kwafundisa abaningi ngomsebenzi wokuba umahosha.
Lesi siteshi sesinameke isikhangiso salolu hlelo nokubikwa ukuthi luzobuya maduze kwithelevishini. Lezi ndaba zijabulise abalandeli balo kodwa bekhononda ngokungabonakali komunye wezilomo zalo uXoli Mfeka.
"Hhayi bo uXoli okuyena onengqondo, kungani engekho lana?" kumangala uVuyiswa Mngonyama.
"Ngeke! Ababuyise uXoli," kusho uPretty Vecco efaka ubuso obudabukisayo.
"UXoli uyena engangimthanda," kusho uLejlo Tshatshane efaka ubuso obukhalayo.
"Ngibona ubuso obusha, uXoli nalona owaya eNigeria ababuyi? kubuzwa uYour Highness Fundie.
Ngaphandle kukaXoli abantu bathi bebengathanda ukuphinde babone noSamke nokuzokhumbuleka ukuthi ukewaba sematheni kula masonto adlule ezinkundleni zokuxhumana. USamke kusabalale isithombe sakhe sikhombisa ukuthi wehlile ngokwesisindo somzimba nokwenze abantu basola izinto ezehlukene. Ukuvela kwakhe kwiziqephu zakamuva abantu bakholelwa ukuthi bekungaphendula imibuzo ebikhona ngaye ezikhulumela.
I-This Body Works For Me yaphetha ngeziqephu eziwu-20. Esokugcina saveza ukungazwani kwabanye babangani. Isiqephu sokuqala ohlelweni olusha sibhekwe ngabomvu njengoba kukhona nezintokazi ezintsha kulokhu. IShowmax kulezi zinsuku kubukeka kwiyisiteshi esihamba phambili kubantu uma kuziwa kwizinhlelo ezikhuluma ngempilo yabantu nokwenzeka emakhaya.