ISITESHI iMoja Love sesiveze ukuthi uhlelo lukamelaphi, uGogo Maweni, olushiye abaningi benemibuzo ngesikhathi luphela bengalindele, beluneziqephu eziyisithupha kuphela.
ULee-Anne “Gogo Maweni” Mokopo nomyeni wakhe, uSabelo Mgube, bebenohlelo olukhombisa ngezimpilo zabo, iThokoza Gogo, obelungena ngoMgqibelo ngo-8.30 ebusuku.
Lolu hlelo, obelukhombisa ngempilo yesangoma saseGoli esesidume kulo lonke leli, sazakhela ugazi kwabanye yize kukhona nabangasithandisisi ngenxa yempilo esiyiphilayo, yilona olumgqamisile.
Isizini ephelile nebikhombisa ikakhulu ngomsebenzi wakhe wobungoma nangendlela yokusebenza kwakhe, engakufihli nokuthakatha, kushiye abalandeli bohlelo bengalindele, abanye begxeka.
Ezinkundleni zokuxhumana abanye baveze ukuthi lolu hlelo luphele ngenxa yesiqephu esadala omkhulu umsindo, lapho uMaweni avela elapha phezu kwamathuna.
Abantu abaningi bakhala ngokuthi okwenziwa yilo melaphi akuyona into obekumele ivezwe kuthelevishini. Abanye bazwakalisa ukuthi lolu hlelo luvalwe yilesi siteshi njengoba lubonakala lugqamisa ukuthakatha.
Ekhuluma neSolezwe, uNonzwakazi Cekethe weMoja Love, uthe uhlelo bese lufinyelele emaphethelweni. Uthe akukho okuholele ekutheni uhlelo luphele kodwa yingoba beluneziqephu eziyisithupha kuphela.
“Siyazi ukuthi abantu bebelokhu benethemba lokuthi luyabuya kodwa cha beluneziqephu eziyisithupha kuphela, manje kuphelile ngalo. Akukho zinkinga ezibe khona phakathi kwalo nesiteshi, bekuvele kuwuhlelo oluncane, abantu abalindele ezinye ezintsha ezinye zazo eziqale ngenyanga edlule ezinye zizoqala kule nyanga,” kusho uNonzwakazi.
Imizamo yokuthola uGogo Maweni ayiphumelelanga.
Uthe ngesonto elizayo bazokhipha isitatimende la bezobe becacisa ngezinhlelo zabo ezintsha.
“Manje balungiselela izinhlelo ezintsha ezizoqala kule nyanga njengoba iningi lezindala lifinyelela emaphethelweni.