OKHANYI Mbau noKelly Khumalo bazobonakala efilimini kaChicco Twala esihloko sithi Rise and Fall of Mama Action, okuwumdlalo okuthiwa ukuthatha ukubeke ngempilo yePhini likaNobhalaJikelele we-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane.
Isolezwe NgoMgqibelo liwabonile amanqampunqampu ale filimu lapho kukhona owesifazane olingisa indawo yowesifazane oze aphinde amazwi kaMokonyane ayethi “Uma iRandi liwa siyolicosha.”
Yize uKelly noKhanyi bephikile ukuthi balingisa kule filimu kodwa kumazwibela ayabonakala amagama alaba baculi. Ethintwa uChicco ukuqinisekisile ukuthi oKhanyi noKelly bazobonakala kulefilimu yakhe.
“Kuliqiniso ukuthi ikhona ifilimu, igama layo iRise and Fall of Mama Action, uKelly noKhanyi bangabanye abazovela kule filimu”, kusho uChicco.
Le filimu ayigcini nje kuphela ngokukhuluma ngoNkk Mokonyane, ikhuluma nangempilo nokuziphatha kosopolitiki abenza inkohlakalo besebenzisa amandla obuholi. Eqhuba uthe le filimu ikhuluma ngempilo nokuziphatha kosopolitiki, abenza inkohlakalo egcina isilimaza nomphakathi waseNingizimu Afrika nomnotho. Kule filimu kuzobonakala nowesilisa ongajabule neze, owenza umsebenzi wokuqoqa udoti ezinkontilakini, lapho elahlwa khona ngunkosikazi wakhe namashende amabili, ephucwa ngosopolitiki ngenxa yokuba nemali.
Ethintwa uNkk Mokonyane uthe akukho akwaziyo ngale filimu futhi akanandaba.
“Angiyazi lento ongibuza ngayo futhi angihlangani ndawo namafilimu mina. Noma ngabe ikhuluma ngami, anginendaba. Akukho futhi engizokuphawula,” esho evala ucingo uNkk Mokonyane.
UChicco uthe konke okuthinta lefilimu kuzomenyezelwa maduze, uma sekuphothulwe konke.
Abanye abazobonakala kuyona yinkakha yomlingisi uMara Louw.