AKE ngithulele isigqoko umdlalo osakazwa ku-e.tv phakathi nezinsuku ngo-6.30 ebusuku, iDurban Gen. Ngiyazithanda iziqephu zawo zakamuva. Ziphapheme impela futhi ziyawaphakamisa amaphaphu. Sewuhlale ukulangazelele ukubona iziqephu ezilandelayo. Iyangichaza indlela noSthandwa Nzuza noZimiphi Biyela abawuphaphisa ngayo umdlalo. Ibambe ngakho.
Nakuba kunjalo kodwa baqinisile ukuthi alikho isoka elingenasici.
Abadidiyeli benza iphutha ngokuwenza ugxile kwezempilo ngoba akukho okukuchazayo ngokuphathelene nezempilo. Kwakufanele bathole abanye ongoti bezempilo babesethimbeni lababhali.
Ukuze indikimba yalo mdlalo ingaphumi eceleni kodwa igxile emkhakheni wezempilo. Yize kuke kwenzeke ukuthole okuthinta umkhakha wezempilo kodwa iziqephu eziningi nezimnandi azihlobene nezempilo. Zikhuluma ngezinto ezingenzeka nanokuba yikunoma yimuphi mkhakha. Nabalingisayo abavamisile ukusebenzisa amagama ongafica abasebenzi basezibhedlela nasemitholampilo bewasebenzisa.
Ukubiza lomdlalo ngeDurban Gen kuyabanqinda ababhali. Ongoti bezempilo bafanele ukuphoxeka uma bebuka lo mdlalo. Ngiyacabanga nje ukuthi sithi siphela isiqephu bebe bedemelayisa. Okunye umdlalo kwakufanele uxube zonke izinhlanga ngoba umkhakha wezempilo uthinta futhi uhlanganisa wonke umuntu.
Okubuye kungikhathaze emoyeni ukubona kulokhu kushintshaniswa ubuso obubodwa. Akukuhle nje ukubona abalingisi asebewubuso bomunye umdlalo sebephithizela kwiDurban Gen sengathi yilapho kulahlwa khona abalingisi asebehluleke kuZalo. Uma kungathiwa angibale abalingisi abaqale ukwaziwa kuZalo asebegcwele ngapha kungaphela isikhala sokubhala. Ngiyezwa ukuthi kusenabanye abasazolethwa ngapha.
Besisakujabulela nje ukubona ubuso obungajwayelekile kwiDurban Gen. Uthi usajabulela ubuso obusha. Uyabona sebususiwe sebuyiswe emdlalweni omusha osakazwa kwi-1 Magic iLingashoni. Kwangiphatha kabi nje ukushushumbiswa kukaFanele Zulu noLerato Nxumalo besuswa kwiDurban Gen beyiswa kwiLingashoni. Ngiyazi okudala lokho ukuthi le midlalo ididiyelwa yinkampani eyodwa iStained Glass.
Okufanele zikwazi iziteshi zeTV nezinkampani ezididiyela imidlalo ukuthi liningi ikhono kuleli. Kunenqwaba yabakhiqizi bemidlalo nabalingisi ababhuquza emakhaya benamakhono kodwa bashoda ngemisebenzi. Indaba yokugqilaza abantu ababodwa ayiyinhle neze. Akunikezwe nabanye ithuba ukuze sibone imidlalo esezingeni njengoba iDStv namalayisensi siwakhokhela nyanga zonke.