NGO-2020 abaseMultichoice baveze izindaba ezingajwayelekile ngemidlalo yakuleli, njengoba bethe umdlalo i-The River, usuthengwe eKenya, nala uzokhonjiswa khona.
Kuleli lizwe umdlalo waziwa ngeKina, kuwona impi yakhona ingamanzi, njengoba owakuleli impi yakhona yaqala ngegolide.
Lezi izindaba engicabanga ukuthi zibajabulise kakhulu ababhali bomdlalo uPhathu Makwarela noGwydion Beynon beTshedza Pictures.
Ukuya kwawo kwamanye amazwe kwakucacisa kithina bezindaba ukuthi muhle umsebenzi owenziwa yiwona, hhayi nje kuleli kuphela kodwa nakophrojusa abaqhamuka ngaphandle.
Umdlalo kwavela izindaba zokuthi uqala wenza kahle ngababukeli, futhi ufike wajatshulelwa ngababukeli abaningi eKenya.
UPhathu usephinde waveza izindaba zokuthi usuphinde wathathwa futhi njengoba uzokhonjiswa abantu abakhuluma ulimi lwesiPutukezi, base-Angola esiteshini iKwenda Magic.
Lesi siteshi sethulwe ngabaseMultichoice ngoMsombuluko kanye nesinye iManingue Magic, sona esizokhonjiswa eMozambique.
Kulesi siteshi lo mdlalo uzokwaziwa nge-O Rio.
UPhathu nozakwabo ngiyathemba bayaziqhenya ngokuzinikela kwabo ekutheni umdlalo ube yinto engabadangalisi ababukeli bawo kodwa uhlale unezigemegeme ezibenza bahlale bekhuluma ngawo.
Yize iMultichoice ingavezanga ukuthi e-Angola lo mdlalo uzokhuluma ngombango wani kodwa siyathemba ukuthi bazobenzela ubulungiswa abantu bakhona uma kuziwa kubalingisi.
Ngeke sikushalazele ukuthi kuleli ukuba nalaba balingisi abakhona manje nakho kuyidlalile indima enkulu ekutheni ithakaselwe i-The River.
Indlela uSindi Dlathu (Lindiwe), ayingozi ngayo, ngenye yezinto abantu bakuleli abayithandayo nokumbona enza amaqhinga akhe naphinde abanjwe kuwona.
Ubani okungamjabulisi ukubona uLawrence Maleka (Zolani) noPresley Chweneyagae (Cobra), abenze lo mdlalo wathakaselwa ngekhono labo endimeni yezokulingisa.
Asithembe ukuthi miningi imidlalo ezokwenza kahle njenge-The River kuleli njengoba ikhula e-Afrika.