KWENZEKE okungajwayelekile ohlelweni lomculo ama-Idols SA, njengoba isizini ka-17, yehlelwe ababukeli ngendlela engajwayelekile.
Eminyakeni edlule yize abantu bebekhala ngokuthi lolu hlelo abasaluthakaseli, kodwa izibalo zalo bezilokhu zimile ngaphezu kuka1 million.
Ukushiya kukaSomizi, kubukeka kudale omkhulu umonakalo kulolu hlelo.
Ababukeli balol ngesonto lokuqala bengambonanga uSomizi, baveza ukungenami kwabo ngokungabibikho kukaSomizi osebe yijaji lohlelo iminyaka eminingi, abalandeli abaningi babethi bamfuna ebuyile besho nokuthi ngeke besaluthamela uhlelo uma uSomizi engabuyiswa ngokushesha kulona.
NgoJulayi ngesikhathi kusavezwa iziqephu eziqoshiwe uSomizi abeyingxenye yazo lolu hlelo belubukwa abantu abangu-1 018 607, lubambe indawo yesine.
Izibalo zikaAgasti ziveza ukuthi manje lubukwa abantu abangu-693 760 futhi lubambe indawo yeshumi ezinhlelweni ezihamba phambili kwiDStv.
AbeMzansi Magic basanda kuveza ukuthi basezingxoxweni noSomizi ngezinto ezithinta icala.
Izolo Isolezwe lizame ukuxhumana noPhilly Kubheka, weMzansi Magic kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga.
Ngonyaka odlule ngesikhathi uhlelo luphela ngoDisemba belubukwa abantu abangu 1 207 074 lubambe indawo yesithathu.
USomizi wanikwa ikhefu ngenxa yezinkinga zomshado wakhe kulandela ukuphumela obala kukaMohale Motaung okumanje basezinhlelweni zokufaka isehlukaniso somshado wabo.
UMohale waphumela obala ngezinsolo zokuhlukunyezwa uSomizi, lezi zinsolo zaholela ekutheni uSomizi ame ohlelweini alusakaza nozakwabo kwiMetro FM, kodwa wabuye wabuyiselwa.
Ngenxa yezinsolo, uSomizi wathatha ikhefu njengelinye lamajaji kuma-Idols SA. Esihlalweni sakhe kushintshana osaziwayo bakuleli abasendimeni yomculo kuze kube kuphuma isinqumo ngodaba lwakhe nezinsolo abhekene nazo.
Isililo silokhu sisikhulu ezinkundleni zokuxhumana ngokungabi bikho kwakhe kuma-Idols.
ULady Du, uyena mculi wa-mapiano wokuqala owabonakala kulesi sihlalo, kwalandela uBuhle Mda ngeledlule..