BASHIYE abangalazi ababukeli boZalo kubadidiyeli bomdlalo becikwa ukuvuswa kukaGabisile kwabafileyo (olingiswa nguBaby Cele).
Baqhulule nezinhlamba bethuka futhi begxeka ababhali bolo mdlalo osakazwa yiSABC 1, bebasola ngokubenza izilima ekubeni bekhokhela amalayisensi eSABC.
Ephendula okhulumela Uzalo, uNomfundo Zondi, uthe bazibophezele ngokukhiqiza iziqephu ezihlabahlosile nezixukuza ugebhezi.
UZondi uchaze kanje: "Yibani nalokhu emqondweni, ukuvuka kukaGabisile kuyingxenye yokwenyusa amaphaphu. Ababukeli boZalo bagcina bembona enyamalala uGabisile emva kokuhlaselwa nokushaywa nguQhabanga.
“Lokhu kuziphindisela kwabangelwa ukuthola kwakhe ukuthi uGabisile unesandla ekufeni komkakhe nendodana, okunguNomcebo noKhehla. UQhabanga, efuna ukuziphindiselela, wacinanisa uGabisile maqede wayophonsa isidumbu sakhe emfuleni ngoba ekholelwa ukuthi ubulungiswa benzekile."
Uthe yize isidumbu sikaGabisile singatholakalanga kodwa umphakathi waKwaMashu, walila. Eqhuba uthe okuzovela kubabukeli ukuthi uGabisile uzozalwa kabusha, aphenduke ezindleleni zakhe zobumnyama futhi aphile impilo yobuchaka.
"Ababukeli bazobona uGabisile oseguqukile nongasaphakeme. Uzinikeze umsebenzi wokuhlenga uHlelo (okuyindawo elingiswa nguNothando Ngcobo) ebudlelwaneni obumhlukumezayo nasempilweni engeyinhle aseyijwayele. Yikho ukuvuka, kubuyele emphakathini waKwaMashu," kuphetha uNomfundo.
Eminye imibhalo eshubile yababukeli bomdlalo, esezinkundleni zokuxhumana ithi:
USempy Ndebele uthe wayebulawelani uGabi uma babazi ukuthi uzobuya. "Kwakufanele okungcono nithi ugodukile."
UMlungisi Nzimande uthe "Mxm niyawubhala udoti. Siyacela nivale lo mbhedo."
UMandla Nkomo ubuze ukuthi sonke lesi sikhathi kusukela ngonyaka odlule uGabi ubelele emfuleni. "Yazi nisijwayel' amas$#@".
UNkululeko Khuzwayo uthe umbhedo nje lo asebebukiswa wona kuZalo. "Ibuya nokunuka." USthe Sthembile uthe "Heyi niyawabhala amasi$#@, yingoba noSABC wamasi$%# kwayiwona." UNokulunga Masondo uthe kungcono uVelaphi kunoZalo.
UMusawenkosi Maphumulo uze wathi kumele iSABC iluqede Uzalo bese endaweni yalo ifake amavideo eTikTok.
"Bese kuthiwa asikhokhe amalayisensi eTV, besihlanyela kanje. Ngempela nisenzelani izilima webabhali balesi skeshi," kubuza uNokukhanya Mkhize.
UMuzi Mageba uthe okumdina kakhulu ukuvumbuka kukaGabi esegqoke ingubo ebomvu acwila engayigqokile. "Kuyasho ukuthi sidlalwa umqondo ngempela."
UTae Jah Marchinja uthe sekuyisikhathi sokuba kubuyiswe inhloko yababhali uChris Q Hadebe, bese kukhonjwa indlela uClive Madiya.