INHLANGANO yabathandana nabobulili obufanayo iyaqinisekisa ukuthi okwenzeka ohlelweni iThree Way, kuMoja Love, yinto eyenzekayo kwabathandana nabobulili obufanayo.
Uhlelo olusakazwa ngoMgqibelo ebusuku, luxoxa ngowesifazane othandana nabanye besifazane kodwa ongene esivumelwaneni sokuthi akhuleliswe ngowesilisa othandana nabanye besilisa. Kulolu hlelo kuvela owesilisa wesithathu othandana noyise wengane.
Izithandani zontathu zihlela nokuthi zibe wumndeni zikhulise ingane ngokubambisana futhi ziqhubeke nokuthandana. Lokhu kubukeka kunzima ngoba iningi lingayiqondi ngokwanele impilo yabathandana nobulili obufanayo.
USbo Khumalo weLesbians and Gays Community and Health Centre, uthe kubona akuthusi okwenzeka kulolu hlelo ngoba yinto eyenzekayo. Uthi uma ningabesilisa abathandana bodwa, niyazikhethela ukuthi ngubani othanda ukulalwa. Lokho akusho ukuthi uma ulalwa ngeke ukwazi ukulala abanye besilisa noma abesifazane.
“Kuyenzeka ukuthi ebudlelwaneni ube ngowesilisa olalwayo kodwa engxenye udayise ngomzimba, lapho ulala nabesifazane. Siyakwazi ukuya ocansini ngaphandle kokufaka imizwa kodwa kube ukuthi uthanda ngaleso sikhathi. Akukho okungenzeki. Ngingabukeka ngiyintombi ebudlelwaneni kodwa ngibuye ngiphenduke indoda. Nokuba nengane kuba yinto ozikhethela yona. Okubalulekile ukuthi akumele kube khona ophoqwayo esimweni esinjalo,” kuchaza uSbo.
Ubesecela ukuthi abantu bangazehluleli izithandani ezikwiThree Way, ngoba ziveza into eyenzeka ngempela empilweni.
Ohlelweni kuvela uProfessor Bhengu, othandana noMandla abese emhlanganisa nonina wengane yakhe uLerato Nkosi. Bayavumelana ngokuthi bazokhulisa ingane bobathathu njengomndeni. ULerato uthi yize enengane noProfessor kodwa ngelinye ilanga uzibona enomndeni nesithandwa sakhe esingumuntu wesifazane. Ngakolunye uhlangothi uMandla uthi yize ethanda abesilisa nabesifazane kodwa uzifela kakhulu ngabesifazane. UProfessor uthi yena uzifela ngabesilisa abamnyama abade okuyinto angeyona uMandla.