IZIQEPHU ezingu-130 nababukeli abangaphezu kuka-4.2 million abaneminyaka engu-20 kuya kwengu-39, yikhona okwenze umdlalo iRedemption esiteshini sakwaBET(129), yahamba phambili kuzona zonke izinhlelo abanazo.
Lokhu kuvezwe abakwaParamount njengoba sebememezele izindaba zokuphela kwalo mdlalo abathi ube yimpumelelo esiteshini sabo.
Isiqephu sokugcina salo mdlalo sikhonjiswe ngoLwesibili ngo-6 ntambama kulesi siteshi.
Echaza ngokuphela kwalo mdlalo uMonde Twala, oyimenenja kwaParamount Africa neBET International, uthe isiqephu salo mdlalo abangabazi ukuthi sizobakhombisa izibalo ezinhle nabalinde ukuthi bazibone maduze.
“Sijabule ukuthi isiqephu salo mdlalo sokugcina sibe yilokhu ababukeli akade bekufuna futhi sahambisana nalokho akade bekufisa. Lo mdlalo ngenxa yokuthi ubukhombisa usuku nosuku kukhona abantu abawuthandile kakhulu ngakho siyabonga kubalingisi nabo bonke abasebenzi abebezikhandla usuku nosuku bewenza. Ziningi izinhliziyo zababukeli ebezikulomdlalo nalabo obusuyisinkwa sabo sosuku nosuku,” kusho uMonde.
Uthe ngeminye imidlalo efana nalena banethemba ukuthi bazoqhubeka nokukhombisa abalingisi abasha abanamakhono amangalisayo.
“Sifuna ukuzinikela futhi sitshale imali eningi emidlalweni yalolu hlobo nesungulwe kuleli. Siyabonga kakhulu ezinkampanini ezimbili ezenze lomdlalo iSeriti Films, iBurnt Onion Productions kanjalo nesiteshi sakwaBET.
“Siyathemba lo mdlalo ngeke uze ugcine kuleli kuphela kodwa nakwamanye amazwe bazowujabulela uma sibahambisela wona. Lokhu-ke kuzodala ukuthi ithalente lakuleli ligqame kuvuleke namanye amathuba,” kuchaza yena.
Kulo mdlalo bekulingisa phambili abalingisi okubalwa kubo uTina Jaxa, Seputla Sebogodi, Yonda Thomas, Pearl Modiadie, Sparky Xulu abalingisi abasha akade bekuwona kukhona uNkone Mamejta noToka Mtabane.