UMLINGISI womdlalo okubikwe ukuthi uyaphela ngoDisemba i7de Laan, uNobuhle ‘Mimi’ Mahlasela, uthe bafe olwembiza ngokuphela kwalo mdlalo.
UMimi odlala indawo ka-Aggie uthe, izindaba zokuphela kwalomdlalo bazithole ngoMsombuluko, uthe njengethimba labalingisi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokuphela kwalo mdlalo obusuneminyaka ewu-23 waqala ukukhonjiswa.
“Angifuni ukuqamba amanga bengingakakholwa ukuthi ngempela lomdlalo uyaphela, satshelwa ngoMsombuluko ukuthi ngoDisemba uzobonakala okukugcina,” kusho uMimi.
Eqhuba lomlingisi ongomunye wabadala kulo mdlalo uthe, isiqephu asithanda kakhulu selokhu aqala ukulingisa kwi7 de Laan, ilapho eshada nesoka lakhe uVince.
“Esinye isiqephu engisikhumbulayo yilapho nganukubezwa ngokocansi kodwa into engayithanda ukuthi lesi siqephu sasifundisa kodwa ngakujabulela ukulingisa leya ndawo,” kuchaza uMimi.
Exoxa ngomdlalo iShaka iLembe uthe, ujabule kakhulu ukuba yingxenye yawo njengoba ufundisa ngomlando wesizwe samaZulu.
Ephetha uMimi uthe ezinhlelweni zakhe zakulonyaka ufisa ukuqedelela izifundo zakhe zokuphrojusa imidlalo yeThelevishini.