BAPHATHEKE kabi abalandeli bomculi u-Ithana ngesikhathi ephuma emncintiswaneni ama-Idols SA ngenxa yokugula.
U-Anathi "Ithana" Conjwa ubese engomunye wabasele kwi-Top 10 kodwa ngaphambi kohlelo lwangeSonto kumenyezelwe ukuthi uhoxile ngenxa yokugula.
"NjengeM-Net simfisela ukululama ngokushesha. Kuwumshophi ukuthi ngeke esakwazi ukuqhubeka nomncintiswano kodwa impilo yakhe iyona ebalulekile. Ngiyazi ukuthi ngeke kube okokugcina abantu baseNingizimu Afrika bembona kwithelevishini," kusho uNomsa Philiso ongumqondisi wezinhlelo zokuNgcebeleka kwaM-Net.
Imizamo yokuthola u-Ithana (22) izolo, igcine ingaphumelelanga.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bamfisele ukuthi angalulama ngokushesha.
UJoy Zelda kwiTwitter ubhale ukuthi ubengomunye wabantu abebathanda futhi umfisela ukululama okusheshayo.
"Lulama ngokushesha Ithana. Ngimfisela konke okuhle," kubhala u@special_loverr.
U-@Tash_Dubani uthe: "U-Ithana uhoxile ngenxa yokugula uma besho. Ubengomuye wabebengibathanda, bengicabanga ukuthi unethuba elihle lokunqoba ama-#idolssa. Siyethemba ukuthi ukahle Ithana."
Akuqali ukuthi kube khona ohoxayo kuma-Idols SA njengoba uViggy Qwabe ashiya phansi emuva kokukhishwa kwewele lakhe uVirginia ngo-2019. Laba bobabili abazibiza ngeQwabe Twins basebenza kakhulu noDJ Tira.
U-Ithana, obuye abe ngunobuhle njengoba aphuma isibili emncintiswaneni kaMiss Soweto ngonyaka odlule, bekubhekwe ukuthi ancintisane nozakwabo abesesele nabo behambisana noDJ.
Kugcine kunandisa abayisishiyagalolunye okungoBulelani, Nqobile, Daylin Sass, Monique Erens, S'22kile, Berry, Sia Mzizi, Kevin Maduna noKarabo.
US'22kile Langa, okunguye omele iKwaZulu-Natal njengoba edabuka eMgungundlovu, ucule ingoma kaDe Mthuda apike kuyo uNjelic noBoohle ethi Wamuhle.
Ijaji uRandall Abrahams alihlabekanga umxhwele ngendlela eyishaye ngayo.
Ukuvota kuyaqhubeka ukuze kubonakale ukuthi obani abadlulela esigabeni esilandelayo.