NGEKE zibe khona izinguquko ezinqala ohlelweni lomculo lakuleli, iSouth African Idols, isizini yesi-17, ezoqala ukukhonjiswa ngoJulayi.
Yize inhlolokhono yalolu hlelo yenziwe ngobuchwepheshe besimanje (online), ngenxa yegciwane iCovid-19, kodwa konke uma sekukhonjiswa kuthelevishini kuzobonakala njengenjwayelo.
Amajaji alolu hlelo, u-Unathi, uSomizi nomethuli walo, uProverb, bebelokhu beveza ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bamatasa nezinhlelo zalo.
Inhlolokhono yalo yaqala ngoFebhuwari walo nyaka.
Umthombo weSolezwe, osethimbeni eliqopha lolu hlelo, uveze ukuthi manje kumataswa kuqoshwa isigaba esaziwa ngeTop16.
“Akukhona okokuqala abantu bebuza ukuthi ngabe kuzoba khona ushintsho yini kwisizini yalo nyaka ngenxa yokuthi akuhanjwanga madolobha ahlukene kwenziwa inhlolokhono, kodwa abantu mabakhululeke njengoba konke kuzovezwa ngendlela ejwayelekile nebekwenziwa ngayo kumasizini adlule. Sekuhambe ibanga elide impela ukuqopha lolu hlelo njengoba ophrojusa balo bebephuthuma ngenxa yokuthi bebengazi ukuthi yini ezokwenzeka uma sekuba khona ushintsho egciwaneni iCovid-19, okungabaphoqa ukuthi bame ukuqopha,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi lena ngenye yamasizini abophele ithalente eliyisimanga njengoba abantu bezoyijabulela intsha eqhamuka ezifundazweni ezobonakala kulolu hlelo.
U-Irvin Pooe weMzansi Magic ukuqinisekisile ukuthi isizini yesi-17 izoqala ngoJulayi.
“Ngeke sande ngamaningi ngokuthi manje kwenzekani kodwa lona impela luyaqoshwa futhi abantu mabalindele okuningi okuzobamangaza,” kuchaza u-Irvin.
Akaphumelanga obala ngokuthi yiziphi izinhlelo ezintsha abazisebenzisile ukuqopha uhlelo ngendlela ejwayelekile.
Uthe amajaji uSomizi, Unathi noRandall Abrahams babuyile kulolu hlelo olusazoqhubeka lwethulwe nguProverb.