KUZOBUYA ithemba kubaqophi bamafilimu abancane nabasafufusa ngoLwesihlanu, njengoba iBET Africa izokhombisa amafilimu okokuqala ngqa, aqoshwe ngaphansi kweKZN Film Commission.
Lokhu kwenziwe ngobudlelwane obuphakathi kwalezi zinhlangano zombili, ngenhloso yokusiza abantu abasha abasafufusa ekulingiseni nasekuqopheni amafilimu.
Ngo-Okthoba 29, ngo-9.30 ebusuku, iBET Africa (129) izokhombisa amafilimu awuchungechunge angaphansi kwe-7 Deadly Sins, kanti izoqala ngethi Sweet Wild Things.
Kule filimu kugqama abalingisi ababili, umsakazi uSavanni Chinnapan olingisa indawo ka-Amanda, no-Aphiwe Shaka Sosiba odlala indawo kaJacob.
AbakwaBET baveze ukuthi bakhethe ukuqala bakhombise ngamafilimu alolu hlobo ngenxa yokuthi bafuna ukuthuthukisa imidlalo namafilimu akhiqizwe kuleli.
UMonde Twala oyisikhulu kwaBET, uveze ukuthi ifilimu izodonsa amehlo abaningi ngoba ibheka impilo eyenzeka ngempela emigwaqweni eyakhele iTheku.
“Sifuna ukuthuthukisa ikhono lomuntu omnyama nokuthi sifuna ukulethela abantu bakuleli amafilimu angezinto ezenzeka ngempela kuleli. Sifuna ukuba namafilimu ahambisana nabantu bethu, ababuka iziteshi zethu. Amasiko, ayimpilo yethu yansuku zonke nokuthi umuntu omnyama uphila kanjani, yikhona okuzogqama uma siya phambili namanye amafilimu esikhethe ukuwaletha eziteshini zethu. Asingabazi ukuthi asiza izizukulwane, nezizukulwane ukuthi zibone ukuthi sisuka kuphi,” kuchaza uMonde.
Uthi ifilimu iveza u-Amanda oyisigebengu, ofuna ukuwuyeka lo mkhuba nempilo yakhona kanti ukuthola kunzima ukukwenza lokho.
“Le ntokazi inobudlelwano nezigelekeqe kodwa kukhona abantu abafuna ukukholwa ukuthi ngempela ayisekho ebugebengwini. Izama ukubatshengisa ukuthi iphumile ekubeni isigebengu kodwa ifuna ukuzigcina imuhle kumphathi wezigelekeqe, uJacob,” kuchaza yena.