UMA izinhlelo zezindaba, okukhona kuzo iCarte Blanche, Checkpoint neCutting Edge, kuyizinhlelo obungazijwayele, yisikhathi sokuthi uqale manje uzibuke.
Lezi zinhlelo sekuyiminyaka zibonakala eziteshini ezifana noM-Net, SABC1 ne-e.tv, lapho ziveza khona izindaba ezenzeka emiphakathini ehlukene.
Lezi ngezinye zezinhlelo eziveza inkohlakalo eyenzeka emiphakathini esiphila kuyona. Izindaba ezivezwa khona zithinta inkohlakalo kuhulumeni, emindenini eyahlukene, emasontweni nasezindaweni zokusebenzela.
Kodwa okungenze ngabhala ngazo namhlanje yizindaba engizibone emasontweni amabili edlule elandelana lapho kuvezwa khona indlela abantu abadlwengulwa ngayo e-Eastern Cape.
Iziqephu zeCutting Edge, amasonto amabili elandelana, bezikhuluma nomndeni wowesifazane osekhulile, owadlwengulwa ngabesilisa abathathu emphakathini abahlala kuwo.
Laba besilisa bebedlwengula lesi saguga sekwaziwa emphakathini kodwa kungekho olusukumelayo udaba lwakhe.
Laba besilisa, njalo uma bephuma ejoyintini, bese kwaziwa ukuthi badlula emzini walesi saguga balale naso kuze kuse bese beyazihambela.
Umuntu oze wacela usizo lokuveza la mahlazo ngumfowabo walesi saguga ngemuva kokuthi kukhona abampotshozela lolu daba emphakathini.
Ubiza lolu hlelo nje yingoba wayefuna ukubachaya emphakathini ngalokhu abakwenzayo.
Kwangithinta lokhu njengoba ngisho abaluqophayo, balusukumela phezulu lolu daba, kwangenelela nezinhlaka zikahulumeni.
Kuningi kakhulu okuvezwa yilezi zinhlelo futhi okungangabazisi ngazo ukuthi nakanjani ziwusizo kubantu abahlala ezindaweni zasemakhaya.
Izindaba ezivezwa kuzona kuba kancane kuyizindaba ezenzeka emadolobheni, isikhathi esiningi ziveza lapho kunzima khona ukuthi kwazeke amachilo enzekayo emphakathini.
Siyathemba ukuthi umsebenzi omuhle owenziwa yizintatheli ngeke uze uqedwe kodwa zizoqhubeka nokusiza lapho kudingeka khona.