UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwiSABC 1
USIPHO akumjabulisi ukubuya kukababa wakhe. UNjeza uqwashisa uNjinji njengoba enezinhlelo zokuthi abe umphathi waKwaMashu. Ilungu lomndeni wakaMhlongo liyadedelwa ejele yize elinye lisasele ngaphakathi. UPrince, uyaphuma ejele futhi uzimisele ukuphinde ahlangane nabanye abantu ukuze aqhubeke nempilo. UNkunzi uyabuka ubukhazikhazi bakhe bucekeleka phansi. UNkk Madlala uyahamba uyohlala noPrince. UMbatha uhlela ukudicilela phansi isithunzi samaphoyisa ngokuntshontsha umcebo wakhe ebandleni. UNomaswazi ukuthola kunzima ukuthola imali eyanele yokukhipha uSibonelo ejele. UNkunzi uhlaselwa iqulu labantu elicasukile futhi namalungu ebandla iKFC azithathela umthetho ngezandla. USibonelo uyaphuma ejele, kodwa ngabe usekhululekile? Impilo kaSbu ayihambi kahle futhi ngalokho kumele azisole yena.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwiSABC 2
INKULUMO ayizwayo uLindelani ekhulunywa ngabantu abadala bakaMukwevho imenza aphelelwe amandla. UKgosi uncenga uHangwani ukuthi akhulume nomunye nokungenzeka amuzwe yena. UVho-Makhadzi ubeka umbono wokuthi uLindelani ashade nomunye wakaMukwevho ukuze aqhubeke nokuhlala emafeni akhona. ULinde ufuna uMulimisi awenze ngokuyimfihlo umcimbi owaziwa nge-Utanganiswa ha munna na musadzi owenzelwa yena no-Azwidnini.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwiSABC 1
UYAJABULA u-Anathi uma ethola ukuthi uFikile uyamdinga. Kumenza abukwe uSphe uma uPaul emenza anakwe abaningi. UThenjiwe uyabuya ekameleni likaGog’Flo ekwesinye isimo. UNkaba kukhona akufuna ukukuzuza ukuze abe wusizo. Engaqondile, uMrekza wenza uNkosiyabo asingabaze isinqumo sakhe. ULucy ucela usizo kuZondiwe (Abigail Kubeka) kodwa ngokushesha azisole futhi. UMpho uyabona ukuthi uLuyolo uqamba amanga. UKeletso wenza iphutha ngesithombe asifaka ezinkundleni zokuxhumana.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
UNEMBEZA wowesifazane uvuka sekudlule isikhathi ukuze umsindise. UVuvu udinga ukucabanga ngokushesha uma isithembiso singagcinwa. Ukushesha kukaVuvu (Mamarumo Marokane) kuza nomvuzo omkhulu. Kuba nokudideka emngcwabeni ekubeni kulindeleke ukuthi kube nokudlula kwesimo esibi umndeni obhekene naso. UJojo uqamba amanga emaphoyiseni, kodwa ingabe ayamkholwa? UJojo ukuthola kunzima ukuba nezimfihlo. Ukufuna into kukaGloria kumenza ame endleleni yezinto ezifunwa uCaiphus.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
ABAKWAZWIDE bazilinde ngokuba novalo ezinye zezindaba ezithinta umndeni. Ekugcineni inhliziyo kaRea iyashintsha. Izindaba eziqhamuka nodokotela zishiya abakaZwide bengahlalisekile kahle. UBra Carter uza necebo.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic
KUYAPHOQA ukuthi uThulani asize uNtando (Phila Madlingozi) abanjwe nofishi abakhethekile amaphoyisa. UMsimelelo ukhathazekile ukuthi uSivuyile uzotshela uFuneka iqiniso. UNtando uyesaba ukuhlangana noLuzuko uma ebuka. U-Anathi uthola izindaba ezingamphathi kahle. UCebisa ufuna ukunqanda u-Anathi angenzi iphutha azozisola ngalo impilo yakhe yonke. UFuneka akacabangi ukuthi uyoke amxolele uMsimelelo impilo yakhe yonke. U-Anathi ukuthola kunzima ukuthi baphile impilo abayijwayele noLuzuko.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
IZINTO ziba zimbi kakhulu ngemuva kokuthi uMaMzobe eveze uMlungisi njengengane yakhe abeyifihlile kubantu bakaMthembu. Impilo kaDifa isengcupheni. UMaMzobe ukhuluma iqiniso kuMlungisi mayelana nokuthi ungubani. UMaNzimande uzama ukulungisa izinto. UMaMzobe kumele akuqinisekise kubantu bakaMthembu, ukuthi uMlungisi owakhona kodwa uyanqaba. UKhulekani noNomkhosi bakuthola kunzima ukubhekana nento esanda kuvela.