AMACIKO azokhuluma ngohambo abhekene nalo kusuka elakuleli lithola inkululeko ngo-1994, kuze kube manje.
Lokhu azokuveza ohlelweni oluzokhonjiswa iziqephu ezintathu i-Pop Goes Freedom: An inspiring journey of 30 years through South African music.
Lolu hlelo luzoqala kuMzansi Magic (161) ngo-Ephreli 30, ngo-5 ntambama.
Kulona, abaculi abaduma ngemuva kuka-1994 kuze kube manje, bazokhuluma ngokuhle nokubi abakuzuzile kulo mkhakha nendlela abangene ngayo emculweni.
Abaculi abazobonakala kulolu hlelo kubalwa uKwesta, Babes Wodumo, JR, Magarimbe, Dj Zinhle nabanye.
UShirley Adonisi waseM-Net, uveze ukuthi ngalolu hlelo bazogubha izingoma ezenziwa ngesigqi esihlukene nokuzovela abanikazi bazo, abazoxoxa ukuthi lezi zingoma bazisungula kanjani nokuthi kwakwenzakaleni empilweni yabo beziqamba.
“Kuzokhuluma abantu abahlukene abaqala umculo kudala kuze kube manje. Lena indlela yokugubha ibanga eselihanjiwe kuleli uma kuziwa kulo mkhakha. Ngeke nje sigcine ngokubungaza laba, kodwa sizobheka wonke umuntu okulo mkhakha kusuka kubabhali, ophrojusa nabantu abazishutha izingoma.
“Sifuna ukugubha indima yomculo wethu ngezindlela ezihlukene ngakho ukuqopha lolu hlelo siyacabanga ngenye yezinto ezizokwenza abantu bazi kangcono ngabaculi ababathandayo,” kuchaza uShirley.
Uthe njengesiteshi bazinikele ekuxoxeni izindaba ezikhuthaza futhi zilethe ithemba nakwabanye.
"Isiko lomculo wakuleli ilona esifuna ukuligubha kakhulu. Siyabonga kuwona wonke umuntu ohlanganyele nathi ekutheni senze uhlelo olufana nalolu oluzosikhumbuza ngamaqhawe ethu, amanye asalala okuzovela amagama awo kwezinye zezingoma okuzokhulunywa ngaso.
“Sifuna ukuhlanganisa abantu esibahlonipha kakhulu abasebenze omkhulu umsebenzi endimeni yomculo owasijabulusa eminyakeni engu-30, yenkululeko,“ kuchaza yena.
Uthe okunye ngalolu hlelo kuzobhekwa ukuthi umculo ubuhlala ushintsha kanjani yonke le minyaka.
“Sizobheka ukuthi umculo ubuhamba ushintshiswa yini kuyona yonke le minyaka. Sobheka ukuthi nelakuleli lila likhona, nje umculo ube nayiphi indima ezweni?” kuchaza yena.