Nokubongwa Phenyane
Le nsizwa yaKwaMbonambi eRichards Bay, ingenye yabamele iKwaZulu-Natal ohlelweni.
I-KZN kule sizini yesi-16 imelwe nguMelanin, Jerodine, Ndoni naye uLungisani abadlulele kuTop 16 ngeSonto.
Ekhuluma neSolezwe, uthe akazisoli ngokungalali wama ubusuku bonke njengoba aba ngowokuqala ukwenza inhlolokhono.
“Uyazi ngithe sengifika kulesi sigaba ngafikelwa wusizi kakhulu, ngakhala ngenxa yokuthi abantu abazi ukuthi yini engiqhuba ukuthi ngizinikele kangaka kulolu hlelo. Ngelinye ilanga ngiyoluxoxa udaba lwami kodwa okwamanje ngingasho nje ukuthi uthando lomculo luqale kumina ngenxa yokuba yingane ekhulele emndenini othanda inkonzo kakhulu,” kusho uLungisani.
Uthe uyisemkhului odlule emhlabeni eseGoli esigabeni esaziwa ngeTheatre Week, wamthengela upiyano akade ewusebenzisa uma ecula emicimbini ngakubo.
“Ngizimisele ukuqhubeka ngenze kahle njengoba amajaji alolu hlelo kungekho lapho egxeke khona indlela engicule ngayo. Ngifuna ukuqhubeka lapho ngifunde, ngiphinde ngilalele esizokutshelwa ngabantu abazobe besiqeqesha ukuze ngiye phambili,” kuchaza uLungisani.
Uthe abantu mabalungiselele ukumvotela njengoba naye ubeseqalile ukubanxusa emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana.
“Noma ngingasawinanga kodwa nje ngicela abantu bazi ukuthi ngibizelwe kule nto. Uma ngingawini ngizoqhubeka nokucula njengoba kuzobe sekulula abantu ubuso bami sebebazi. Ngiyacela kodwa bangivotele njengoba konke sekusemandleni abo manje. Ngifuna ukududuza abantu ngomculo wami,” kuchaza yena.
NgeSonto izinsizwa yizona ezizoqala ukuculela amavoti abantu bakuleli.
Ngelilandelayo bese kuba yizintokazi. Okushintshile ngohlelo yisikhathi njengoba seluzoqala ngo-5 ntambama.