UMCULI kamaskandi ongaconsi phansi kulezi zinsuku ngenxa yenoni lakhe elithi Bhinca Lami (Up Lapho), uMongezi Yamkelani Jama kodwa emculweni odume ngelikaMayoghurt, uthi luyammangaza udumo alutholayo kangangoba luze lumfikisele ngezinyembezi.
UMayoghurt (22), obuye ateketiswe ngeleBliss KaZwelonke, ukhuluma kanje emuva kokuthola ukuthi ungomunye wamaciko aqokwe kumaBriefly News Entertainment Awards.
Akusiyo neze into encane kumculi ongakabi nesikhathi eside emculweni ukukleliswa emqhudelwaneni owodwa nosaziwayo abanjengoSindi Dlathu, Deli Malinga, Linda Sebezo, Dawn Thandeka King, Winnie Ntshaba abaqokwe kwi-Best Actress noMduduzi Mabaso, Thabo Mnguni, uPallance Dladla, uSdumo Mtshali noSicelo Buthelezi abakwi-Best Actor.
UMayoghurt, odabuka eThornbush, eMzimkhulu, uqokwe emkhakheni we-Best Maskandi Artist of the Year lapho edlana khona imilala noNtencane, Mthandeni SK, uLuve Dubazane noQuality Biyela.
Abanye abaqokwe kulo mqhudelwano ngoThembinkosi Mthembu, Teko Modise, Musa Keys, Maglera Doe Boy noLasizwe abakwi-Most Fashionable Celebrity, kanti kwi-Song of the Year kuboshelwe uMakhadzi, uKing Monada, uKharishma, uMsongi noMthandeni & Mawhoo.
UMayoghurt uthe nakuba ekhule elufuna udumo kodwa wayengazitsheli ukuthi lwaluzoba nje. Kwenzeka lokhu nje, uMayoghurt ungomunye womaskanda abayinyama kulezi zinsuku njengoba engena ephuma emicimbini.
Muva nje, usanda kushiya izihlwele zisahalela impinda kwi-11th DStv Delicious Festival ebiseKyalami ngenyanga eyedlule, lapho abeshiyelana khona inkundla nezihlabani zaphesheya oBusta Rhymes noJason Derulo.
Kusukela ngoJulayi 25, bekubukelwa yena nozakwabo kuMzansi Magic ohlelweni lwethelevishini olungempilo yabo yangempela, i-Short and Sweet.
Lo mculi owaqala ukuduma ngengoma ethi Mama Ukuphi Ubaba uthe okumenza afikelwe umunyu ukuthi ugogo owamkhulisa, uNkk Buyaphi Jama, akasekho emhlabeni.
"Uma sengidume ngale ndlela kufika izinyembezi kimi, ngifise ngathi usaphila ugogo owangikhulisa ngoba ngiyile nto engiyiyo namhlanje kungenxa yakhe. Ngifise ngabe usakhona nomkhulu ozala ubaba, uZikhali."
Uthe uyise, uMnuz Mthawungeni Jama, wamzala ngaphandle entombazaneni yaseThekwini, uNksz Thuliswa Ndamase, ngo-2002.
Uthe wasiyeka isikole esephasele uGrade 8, eThornbush Primary, ngoba kwase kuthiwa akayofunda esikoleni sabantu abanokukhubazeka ekubeni wayengenankinga nokufunda esikoleni sabafundi abajwayele.
Uthe akakaganwa futhi akakabi namntwana.