USEPHENDUKE isilomo owesilisa waseWillowfontein, eMgungundlovu, ovele ohlelweni kwiMoja Love, Uyajola 9/9 ekhala ngokujolelwa isoka lakhe njengoba ethandana nowobulili obufana nobakhe. ULungelo “Iqhikiza” Zondi (27), udaba lwakhe lusematheni ezinkundleni zokuxhumana emuva kukuvela ohlelweni ekhala nangamadoda aseMgungundlovu athi adlala ngabo, wathi bayamfihla emini, bamfuna ebusuku kuphela.
Uvele kulolu hlelo ngeSonto, egqoke isikhindi esincane, ivesti legwe, amacici ayizighaza, namasokisi amade, lezi zingubo zakhe sezigcwele ezinkundleni zokuxhumana.
Ekhuluma neSolezwe uthe kumumangazile ukuthakaselwa abantu, kwamenza wathobeka nenhliziyo ngokugilwa yisoka lakhe.
“ Emuva kohlelo benginokuthuka okuncane ngisaba ukuthi abantu bazolwa nami ngoba ngaba nodlame futhi ngadalula izinto ezazifihlwa ngabanye besilisa abathandana nobulili obubodwa. Kunalokho kwenzeke obengingakulindele ngaba yisilomo. Kumanje kunemali engu-R800 engiyifakelwe abantu engingabazi, bekhokha u-R500 owathathwa yisoka lami. emalini yami engangiyithola ngokudayisa izithelo engangikhala ngayo ohlelweni. Kungithintile ukuzwelwa abantu abangangazi, abanye abathe angilinde bahole. Ngiyajabula ngothando engilutholile,” kusho uLungelo.
Uqhube wathi: “ Nginabalandeli abangango- 23 000 kwi-Twitter. ko-Facebook bandile ngo-1 500 emuva kokuba ngivele kulolu hlelo. Ku instagram,Twitter nakuFacebook ngilandelwe abantu abaningi. Twitter @Iqhikiza_, facebook nakhona ngiwu-@Iqhikiz_.Kukhona nekhasi legama lami ngempela u- Lungelo Zondi ezinkundleni zokuxhumana,”
Elandisa Isolezwe uthe bese ethandane nesoka lakhe iminyaka emithathu, wabona kukuhle ukuthi abhalele i-Uyajola 9/9 ngoba bese ekhathele yilona lidlala ngaye.
“ Owayeyisoka lami uLindo Zondo, angikaze ngimbone noma ngingasaphinde ngimbone ayikho inkinga. Besifihlene vele , ubethandana nentombazane nabafana futhi. Ngabhalela i-Uyajola 9/9 ngoba bese sihlale isikhathi eside singayi phambili ekubeni engafuni sihlukane, ngingazi ukuthi kwenzekani,” kusho uLungelo.
Uthe njengoba avela ohlelweni konke okwenzeka kwenzeka ngempela. ”Abantu bayathanda ukusho izinto ekungezona, akukho engangizenzisa ngako noma ngidlala. Angizange ngizenzise. Ngisho noma sengikhala ingoba ngangizwa ubuhlungu,” kusho yena.
Uthe akazisoli nakancane ngakusho ohlelweni ngabesilisa baseMgungundlovu, nokuvela kulolu hlelo. “ Kukhona kakhulu ukuba sifihlwe amasoka lapha eMgungundlovu, abantu bayasithuke emini kodwa ebusuku abanye sebefuna ukulala nathi. Inhloso yabo kusuke kuwukulala nathi kuphela. Basaba ukuphumela obala nokucwaswa ngokuthandana nabobululi obufana nobabo.Emini banezintombi, ebusuku balala nathi. Into eyenzekayo, angiqambi amanga. Emini umuntu akuzibe sengathi akakwazi, uma umbingelela kube sengathi angakushaya ngoba engafuni ukuba kwaziwe ukuthi niyazwana,” kusho uLungelo.
Uthe ubeqala ukwesekwa ngoba ngisho esakhula ubecwaswa ehlukunyezwa ngokuthandana nabantu bobulili obufana nobakhe. Uthe umndeni wakhe ikakhulukazi unina uyameseka empilweni ayiphilayo.Ngendlela abegqoke ngayo nokuyiyo esematheni ezinkundleni zokuxhumana, uthe ujwayele ukugqoka ngale ndlela, afake imvunulo, ubuhlalu, nezigege.
Uthe uzoqhubeka nokuzizamela ngebhizinisi lakhe lokudayisa izithelo. Uthe okwamanje akanaye umuntu athandana naye. Ephetha uthe usemxolele umnakwabo. Uthe emuva kohlelo abohlelo bamhlelela ukuthi elashwe udokotela ngokomqondo. “OJub Jub bangiqashela izinsuku ezingu-10 ngiyalwa udokotela noDkt Sihle Ngobese weSiyo Medical Assistance bangisiza kakhulu,” kusho uLungelo.