UMAKHOSI Shelembe, othinte izinhliziyo zabaningi kuleli ebalisa ngezinkinga zomshado wakhe, engayizwa neyokulanyaniswa emshadweni, uzophinde abonakale eziqeshini ezimbili zokugcina zohlelo uMnakwethu lapho ezophinde abhekane ezinhlamvini zamehlo nomnakwabo uHlengiwe Sithole.
Kulezi ziqephu yena noMaSithole bazonakala bephetha udaba lwabo, kuzobonakala ngokwasala kwenzeka emshadweni wakhe noBhekisisa Langa.
Lolu hlelo luzogoqwa ngeziqephu ezimbili ezikhethekile, lapho kuzovela khona bonke abebeyingxenye yalo kule sizini.
Owayengumsakazi woKhozi FM, uLinda Sibiya, uzophinde abe ngumphathi wohlelo uma selugoqwa ngoLwesibili ngo-8 ebusuku kwiMzansi Magic.
UMaShelembe uzophinde abe nengxoxo nomnakwabo uHlengiwe Sithole, owamtshela kwezikabhoqo ukuthi nguyena insika emshadweni wabo.
ULucky Mangela weMzansi Magic, uveze ukuthi abantu mabalindele izimpendulo ezihlukene kubantu abababona kulolu hlelo kusukela luqala.
“Konke abafuna ukukwazi nokwasala kwenzeka emindenini yalaba akade besohlelweni, mababukele iziqephu ezimbili zokugcina njengoba imibuzo yabo izophenduleka kuzona.
“Kuzoba yiziqephu eziphethe konke futhi siyajabula ukuthi sibalethele zona,“ kusho uLucky. Uveze ukuthi babuye, babuyisa uLinda Sibiya njengomethuli wazo njengoba enza umsebenzi oncomekayo kuzona nangonyaka odlule.
ULucky uphinde waveza ukuthi maduzane kwiMzansi Magic kuzoqala izinhlelo ezintsha abangangabazi ukuthi abantu bazozithakasela.
Uthe uhlelo lwezangoma oluthi Izangoma Zodumo, luyabuya. Imidlalo emibili emisha okukhona othi Grootboom and Sons, izobonakala kulesi siteshi.