ASEMENYEZELWE amagama abalingisi abasha abazobonakala emdlalweni iDurban Gen njengoba ngoMsombuluko kulindeleke ukuthi kuqale isizini entsha yalo mdlalo.
Isizini yokuqala yalo mdlalo izogoqwa ngoLwesihlanu, kulindeleke ukuthi entsha idonse amehlo abaningi kuleli ngabalingisi abasha abazongena endaweni yabahamba.
Kubalingisi abasha kukhona uDr Bhengu, ozobe elingiswa nguThokozisa Ziqubu, Dr Jack ozolingiswa nguYola Plaatjie, nomshayeli wama-ambulensi uThembinator ozolingiswa nguSibongile Nkosi.
UNomfundo Zondi, wenkampani eqopha lo mdlalo, iStained Glass, uthe laba bazovala izindawo zabalingisi abahamba kulo mdlalo.
Uveze ukuthi ababukeli balo mdlalo bazoqhubeka nokuwuthakasela. Uthe isizini yesibili izoqala ngegiya eliphezulu njengoba eyokuqala izophela ngesigameko esibuhlungu.
“Isizini yesibili izoqala ngokuthi kubonakale ukuthi isigameko sokuvela kwezimfihlo sihambe nomphefumulo kabani, phakathi kukaThabo noSbusiso. Kukhona kubona ozovuka ejele ngesikhathi ngakolunye uhlangothi umndeni uzobe ulungiselela umngcwabo,” kusho uNomfundo.
Uthe kukhona konke okuzokwenzeka, uMbali, oshade noSibusiso futhi osezitshela ukuthi uhlukene nabasemzini, incwadi yamafa imenza ahlale kulo mndeni.
Khonamanjalo, kuvela ukuthi bashaya ibuya emdlalweni, Uzalo, abalingisi okubalwa kubo uNtokozo Dlamini, odlala indawo kaMastermind, noBonga Dlamini, olingisa indawo kaMkhonto.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi laba balingisi sebeqalile ukuqopha iziqephu zakamuva abazobonakala kuzo.
“UNtokozo, ngokuzwa kwethu, ngathi indawo yakhe izodonsa isikhathi eside, ngeke kufane nasekuqaleni la afika khona wanyamalala isikhashana. UBonga yena ngizwe kuthiwa uzobonakala isikhashana, ngeke aze ahlale kulo mdlalo kodwa bona bobabili sebeqalile ukushutha nathi,” kuchaza yena.
UNomfundo uveze ukuthi okwamanje lezo zindaba bezingakafiki kubona, bazolinda ukuzithola kophrojusa.