BAFUNA uvalwe ungakaqali nokukhonjiswa kwithelevishini umdlalo othi Umkhokha, abaholi bebandla lakwaShembe eBuhleni, kulandela ukutshengiswa kwamazwibela alo mdlalo ngempelasonto.
Abaholi balolu hlangothi namalungu alo, ezinkundleni zokuxhumana, bakhononda ngokuthi kubukeka lo mdlalo uzogxila ezigamekweni zalo njengombango wobuholi.
Phambilini, abalo mdlalo baveza ukuthi uzobe ukhuluma ngombango ebandleni elikhulukazi kepha bangagagula ukuthi lokhu kususelwe ezigamekweni zangempela noma qha.
Abaholi baseBuhleni baphinde bathi kuyabadumaza ukubonakala kwamalungu abo kulo mdlalo ozoqala ngeSonto kwiMzansi Magic ngo-8 ebusuku.
Bathi uMbuso Khoza noSibonile Ngubane, balindele ukuthi kube yibo abavikela ibandla kodwa kunalokho balithela ngehlazo, njengoba beyingxenye yawo.
Ngenkathi kuqala kuvela isikhangisi salo mdlalo, kusuke isidumo ezinkundleni zokuxhumana amalungu aleli bandla ethi akudlalwa ngoShembe.
Kulesi sikhangiso kuvele ukuthi kuwona kuzobe kugxilwe embangweni wesihlalo sobuholi.
Okwenze abantu bacabanga ukuthi lo mdlalo uncike kokwenzeka kwaShembe yingoba kwisikhangisi kuvela abagqoke imijiva nemiviliyelo egqokwa ngabaholi bakwaShembe.
Kuvela nabantu bememeza bethi “Ameeeeeen!” ngendlela okuvame ukwenza ngayo amakholwa aleli bandla uma kukhuluma umholi wabo.
Okhulumela leli bandla, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe akudlalwa ngenkolo yamaNazaretha, yize abantu bethi kuke kwalingiswa ngomholi wamaKrestu, uJesu.
“Siphoxeke kakhulu ngesikubonile. UKhoza noNgubane yibona obekumele bavikele ibandla kodwa kunalokho bahamba phambili kulo mdlalo ozothela ibandla ngechilo. Esikufunayo nje wukuthi uvalwe ungakaqali ukubonakala kwithelevishini. Akudlalwa kanje futhi nanini akukaze kulingiswe ngoShembe nebandla lamaNazaretha,” kusho uMncwabe.
Uthe lolu daba bazolusukumela njengebandla.
Abalandeli baleli bandla bathe abangabazi ukuthi lo mdlalo uzogxila enkolweni yabo, njengoba indlela abalingisi besifazane abagqoke ngayo efanayo neyabakhonzi balo abangomama.
KwiFacebook abalandeli baleli bandla bahluleke nokuyifihla intukuthelo yabo njengoba beveze ukuthi kudelelwa ibandla labo ngokwenzeka kulo mdlalo.
U-Ayanda Nonkululeko Mbatha uthe; “UShembe ngeke akuvume lokhu, kwehla isithunzi sesonto.”
UMhlengi Ngcobo uthe; “Amanyala-ke lawa. Ngukweyiswa nje lokhu. Ngiphoxekile ngalo mlisa obelingisa indawo kaKhathaza kuZalo. Kumele engabe nguye ovikela isithunzi sebandla kodwa nguye owehlisa isithunzi.”
ULucia Nxumalo uthe; “Lokhu okwenzekayo akulungile, ukuzwe uma kuthiwa ungahlabelela wonke amaculo kodwa hhayi awethu, le nto iyafana ngeke ukwazi ukulingisa ngebandla lethu ngoba kunezinto eziyimfihlo zebandla.”
UThanduxolo Jindela wenkampani iWord of Mouth Pictures, okuyiyona eqopha lo mdlalo, uthe bebengakaze bazibone lezi zikhalo ngakho bazokwazi ukuphawula uma sebezibonile.
Kubalingisi abaphambili kulo mdlalo kubalwa lo mdlalo uSthandiwe Kgoroge, Linda Sokhulu, Nay Maps noDeli Malinga.