ABANTU basezindaweni ezingaphansi kukaMasipala iKing Cetshwayo basenhlanhleni yokuzibonela ngamehlo abasakazi boKhozi FM, amakhansela nosaziwayo abahlukahlukene kwiNyusivolume NoKhozi FM kuleli sonto.
Lezi zindaba ziqinisekiswe wuMasipala iKing Cetshwayo,ongaphansi kukaMnuz Thami Ntuli, naboKhozi FM, olungaphansi kukaNksz Sbongi Ngcobo, ezinkundleni zokuxhumana. Ngalolu chungechunge kusuke kuhloswe ukugqugquzela abantu bakuleli ukuba bajabule babuye bazibheke.
Ngokwesikhangiso esesisabalele ezinkundleni zokuxhumana, amabombo azoqala ukubheka endaweni yaseShowe ngaphansi kukaMasipala Umlalazi ngoLwesine. Injabulo izosuka eShowe ibangise kuMasipala waseNkandla ngoLwesihlanu. NgoMgqibelo kulindeleke ukuba abathandi bobumnandi babheme bakholwe endaweni yaseSikhaleni ngaphansi kukaMasipala uMhlathuze bese imbenge iphothulwa ngeSonto endaweni yaseMelmoth.
Ngaphandle kwabasakazi, amakhansela nosaziwayo, izithameli zizobuye zizitike ngezinhlobo zomculo ohlukahlukene njengoba kuzobe kuboshelwe izihlabani zodwa. Abazalwane bazothola ithuba lokudumisa uNkulunkulu, amabhinca azobe ebhikla ingoma futhi egqoza kanti ama-2000 alindeleke ukuba adanse aze akhase phansi.
Imininingwane ephelele ngalolu chungechunge izomenyezelwa ekuqaleni kwaleli sonto.