UBHODLA umlilo umculi kamaskandi ngokumiswa kwengoma yakhe isadlalwa ohlelweni loKhozi FM ngoLwesibili ntambama.
USthembile “Glama Ka Maskandi” Nyoka, wengoma esihloko esithi Bayasesaba evalwe emoyeni ingakapheli, uthi ufuna abaphathi bomsakazo bamcacisele ngesenzo sikaSiya Mhlongo owenza uhlelo lwantambama Ukhozi FM Drive, ngokubambisana noSelbyonce Mkhize.
“Iyangicika into eyenziwe nguSiya ohlelweni lwabo. Le ngoma isidlalwe kathathu ohlelweni iSigiya Ngengoma ingaphazanyiswa. Kuyaxaka-ke manje ukuthi yini edala ukuthi lo msakazi atshele abalaleli ukuthi uyivale ngoba inenhlamba. Beyingeke le ngoma ingene ohlwini lwezidlalwa ezinhlelweni zomsakazo ukube inenhlamba akhala ngayo. Ngiyadinga ngempela ukuhlangana nabaphathi besiteshi, ukuze ngizwe ukuthi inkinga ilele kuphi,” kubhoka umculi.
Eqhuba uthe ukube ubengematasa nezinhlelo zemingcwabo yakubo kulezi zinsuku, ngabe usebonene nabaphathi bomsakazo ukuze azwakalise isikhalo sakhe.
“Okwamanje ngisayekelele izinto kwimenenja yami kodwa ngizolusukumela udaba uma sengidlulile kulesi simo sasekhaya engibhekene naso,” kubeka uGlama osanda kukhipha i-albhamu esihloko sithi Senzo Meyiwa.
Owezokuxhumana eSABC uGugu Ntuli, ukuqinisekisile ukuthi uSiya Mhlongo uyivalile ingoma ngenkathi isadlala emoyeni.
“Abasakazi banalo ilungelo lokungawudlali umculo kanjalo nokuvala ingoma abayizwa inamagama angahambisani nalawo okumele azwakale emoyeni. Okwamanje isiteshi siphezulu kwezinhlelo zokudingida lolu daba nomculi wengoma emiswe idlalwa emoyeni,” kubeka uGugu.