SIVALWE wumsakazi oseneminyaka eyibambile kwezokusakaza isikhala esivele esiteshini iGagasi FM ngemuva kokushiya kukaNomfundo Xaba.
Isikhala sivalwe nguDJ Vumar.
UNomfundo washiya ngoJuni kungakapheli sikhathi esingakanani isiteshi senze izinguquko emoyeni.
Wayethula uhlelo iSunday Devotion ngo-6 kuya ku-10 ekuseni ngeSonto.
Kusuka ahamba uNomfundo, uhlelo lubanjiswe uKhulekani Mbambo. UKhulekani ungena ngo-9 kuyaku-12 emini phakathi nesonto ohlelweni iThe Hang out noNomfundo Clarissa.
Okhulumela isiteshi uKhulekani Shandu, ukuqinisekisile ukuthi sivalwe ngoDJ Vumar isikhala sikaNomfundo.
“UVumar akabambile kodwa usezosakaza uhlelo lwangeSonto,” kusho uKhulekani Shandu.
Uthe ukungena kwakhe kulolu hlelo kusho ukuthi akasekho ngoMgqibelo ohlelweni iV-Sessions ngo-4 ntambama.
“I-V-Sessions okwamanje isabanjwe nguDJ Sonic. Njengoba esabambile nje, leso yisikhala esisazosivala bese siyamemezela ukuthi ngubani osezosakaza lolu hlelo,” kuchaza uKhulekani.
Uthe uVumar uzoqhubeka nokusakaza uhlelo iSunrise Sessions ngo-4 ekuseni ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Ekhuluma naleli phephandaba ngokushiya kwakhe kwiGagasi uNomfundo, wathi uyakuthanda ukusakaza kulesi siteshi kodwa bekumele athathe isinqumo akhethe okufanele umndeni wakhe wathi akukho okubi okwenzekile futhi uyafisa ukuthi ngomuso aphinde abuyele kwezokusakaza.