UKUDIDIZELA kokuqashwa komphathi wezinhlelo kuKhozi FM kuphoqe obebambe kulesi sikhundla, uMandla "Mr Gold" Mdletshe, ukuba asilaxaze phansi.
Ngokusho komthombo ongaphakathi kulo msakazo osaqengqeleza phambili e-Afrika ngabalaleli ababalelwa ku-8 million, uMdletshe usishiye phansi isikhundla ecikwa wukungacaciswa kwekusasa lakhe.
Umthombo uthe uMdletshe uthathe isinqumo sokubuyela ekuphatheni ezemidlalo, imidlalo yomoya nezenkolo. UMdletshe ubesesibambe unyaka wonke nezinyanga isikhundla, kusukela kwakhonjwa indlela uZandile Tembe ngoSepthemba 2021, naye obesesiqhoqhobale kusukela ngoNovemba 2011. Kusukela lapho kube sekubanjiswa uMdletshe osiphathe kwaze kwaba uyahoxa kuso ngenyanga edlule. Kunezinsolo zokuthi ukugqigqa kwinhlolokhono maqede kuqhutshekwe nokuthungathwa omunye umuntu ozovala isikhala sikaTembe, akumphathanga kahle.
Ethintwa uMdletshe, unxuse ukuba kukhulunywe neSABC ngoba akavumelekile ukukhulumela iSABC. Okhulumela inhlangano yezokusakaza kuleli, uNksz Gugu Ntuli, ukuqinisekisile ukuthi isikhundla somphathi wezinhlelo zoKhozi FM kasiphethwe muntu. Ebuzwa ngamahlebezi athi sesilaxazwe wuMdletshe, uNksz Ntuli uthe akanaso isikhathi sokunakana nomanalapha-ngikutshele. "Futhi ngizokugcizelela ukuthi kunomgudu osaqhubeka ngokuqokwa komphathi wezinhlelo zoKhozi FM. Eqinisweni ngokomgomo, iSABC ayiyidingidi esidlangaleni imininingwane yokuqasha kwayo abasebenzi. Uma konke sekuphothuliwe, umsakazo uzokwenza isimemezelo," kuphetha uNksz Ntuli. Kwenzeka lokhu nje umthombo weSolezwe ngeSonto usanda kuveza ukuthi obeyisikhulu seGagasi FM, uMakhosi Khoza, wuyena okulindeleke ukuba athathe izintambo ngokugcwele. Ebuzwa naye uMakhosi, emuva kokubonakala ethathe isithombe embethe izimpahla ezibhalwe igama loKhozi FM, ungene ezintangeni kodwa wathi akalindwe ngoba kukhona azokumemezela khona maduze.