BAWOTHA ubomvu osomahlaya, Amawele AseChesterville, ngokungayitholi imali yawo iphelele ngemuva kokunandisa emcimbini i-100% Zulu Comedy Heritage Edition, obuseMgungundlovu ngoSepthemba 24.
Amawele okunguSiphiwe noSimphiwe Vilakazi athi akweletwa wumhleli womcimbi, uZazi Nxele.
USiphiwe uthe inkontileka yabo yathi kumele bakhokhelwe u-50% wemali yesivumelwano bese omunye ukhokhwe zingakapheli izinsuku ezintathu umcimbi wenzekile.
“Imali asikweleta yona wuR4 000 ngoba sasimzwelile savumelana ngoR8 000. Wasikhokhela uR6 000 ngoba kwakunoR2 000 ayesikweleta wona emcimbini ayewenze oLundi,” kusho uSiphiwe.
Uthe ngeke baphinde basebenze naye ngoba wahluleka wukulandela imigomo yenkontileka.
“Into eyamcasula wukuthi uSimphiwe Shembe wayenomcimbi ofanayo, edolobheni elifanayo futhi ngosuku olufanayo. UShembe wumfowethu futhi unguzakwethu. Saqala sayonandisa emcimbini wakhe. Sathi sifika kulo safika esecasukile ngokuthi siye kokaShembe. Asibona osomahlaya bakhe thina. Sisebenza lapho esibizwe khona. Safika emuncu engasilungisele nendawo yokulala. Sathi simbuza, wakhuluma ukweyisa. Uma sekumele akhokhe uyadelela kakhulu,” kusho uSiphiwe.
Uqhube wathi akubona bodwa abakweletwayo futhi baningi nabanye osomahlaya abangakakhokhelwa ngomcimbi.
Laba babhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi umhleli waveza ukuthi abantu ababethamele umcimbi babengu-1 475.
“Umuntu emunye wayekhokha uR200, okusho ukuthi wenza uR295 000 kodwa uhluleka wukusikhokhela.”
Ngokwesikhangiso somcimbi, kwakuboshelwe uFelix Hlophe, Siyanda Maphumulo, Justice Kubheka, Flymotion nabanye.
UZazi uthe uyibonile imibhalo yamaWele ezinkundleni zokuxhumana.
“Kuyiqiniso ukuthi umcimbi ube khona futhi ube yimpumelelo. Ngemuva komcimbi sibe sesixhuumana nosomahlaya ngezinhlelo zokubakhokhela. Ngaphambi kokuthi ngifone bese kuvele kunezinkulumo zalaba bafana. Ngaphambi komcimbi ehhovisi ngathi ababuze bonke abazodinga izindawo zokulala bona bathi abayifuni,” kusho uZazi.
Uthe indawo yokulala yiyo edale ukungazwani phakathi kwabo.
“Bathi sebefika bathi bayayifuna indawo yokulala. Ngathi ngizobanika igumbi elilodwa ngoba ngangingabahlelele. Banqaba bathi bayifuna yonke imali yabo bayoziqashela eyabo. Basuka lapho bafaka indaba ezinkundleni zokuxhumana.”
Uthe alikho ibhizinisi elingenazo izikweleti futhi elingakweletwa.
“Ngabafonela bonke osomahlaya, ngibachazela ngezinhlelo zokukhokhelwa kwabo. Angibafonelanga bona ngoba sasingasaxhumani. Bakhombisile ukuthi abasazimisele ngokuxhumana. Yimi futhi engasho ukuthi angisafuni ukuphinde ngisebenze nabo,” kuchaza uZazi.
Uthe umcimbi wasoLundi awubanga yimpumelelo futhi bonke abakweletayo wabazisa ukuthi uzobakhokhela kunjalo.
“Mayelana namathikithi babala into engekho ngoba kunamathikithi okumele aye kubaxhasi mahhala nezimenywa zami.”