KUYASUKA ukukhuluma kuleli sonto ngoLwesine njengoba iziteshi zeSABC zizoshintsha izinhlelo abasakazi bafakwe kwezinye.
Minyaka yonke uma sekungu-Ephreli kusuke kuqala unyakazimali omusha emsakazweni okusho nokuqala kwezinkontileka ezintsha.
Silinde uLwesine nje, asevele aqalile amahlebezi oukuthi izinhlelo zizoshintsha kanjani kwezinye iziteshi kodwa sesilinde ukuthi kuqinisekiswe yiziphathimandla.
Lo mkhuba wokushintsha abasakazi yinto endala ejwayelekile kodwa kwesinye isikhathi thina njengabalaleli sibuye senze sengathi kusha sifune izinto zenzeke ngendlela yethu.
Ngiyazi, imisakazo ikhona ngenxa yethu futhi nabaphathi kumele bazibheke nezimfuno zethu kodwa kwesinye isikhathi asibanikezi ithuba abasakazi lokuthi bazinze ezinhlelweni.
Uthi umuntu eqala nje ngakho kodwa sibe sesimgxeka sibona izici. Hhayi ngoba esuke ebheda kodwa sivala izindlebe singafuni ukuzwa okuhle ngoba nakhu isithandwa sethu singangenanga ohlelweni ebesisuke sisibheke kulo.
Ngiyacela sike sibanikeze ithuba lokuthi bazinze ezinhlelweni bajwayele bese kuyima sibehlulela kahle. Izibalo zokulalelwa kwemisakazo ezikhishwa yiBroadcast Research Council of South Africa yizo ezihlulela kahle abasakazi ukuthi benza njani ezinhlelweni zabo nokuthi iziteshi ngezinguquko ezizenzile ngabe zishaye emhloleni yini.
Ngike ngibone ezinye ngezinyanga zokuqala zenze izinguquko izibalo zidubule ziye phezulu kodwa uma sekuphuma ezilandelayo bese ziyehla. Ngokwami sisuke sifuna ukuzwa ukuthi izinguquko zikahle yini kodwa uma sezibheda bese siyashintsha siye kwezinye iziteshi.
Kuye kwenzeke futhi ukuthi uma sixoxa nabangani bethu sivumelane ngokuthi umsakazi othile uyabheda kodwa ngaphakathi esiteshini izibalo zokulalelwa kohlelo lwakhe zilokhu zikhule njalo.
Kumele uma kukhona umsakazi esizwa ukuthi akalwenzi ngendlela uhlelo singanikeli ezinkundleni zokuxhumana siyomgxeke simbeke nezici. Phela ekugcineni naye ungumuntu ophilayo futhi uyazwela njengabo bonke. Yingakho abanye beze behluthuke baphendulane kabi nabantu ezinkundleni zokuxhumana. Kumele sizame ukugxeka ngendlela eyakhayo ukuze nomuntu akhule.
Kodwa uma engenzi ngendlela singamuzwa njengabalaleli futhi nezibalo zimphika, abaphathi kumele basilalele bamfake lapho engenza kangcono khona.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma kuFacebook Fanelesibonge Bengu