IQEMBU lomculo wokholo, Ithemba liphumela obala ngokungehli kahle kwezindaba zokuthathwa kweculo lalo elithi: Ingoma, elisematheni kulezi zinsuku njengoba seliqoshwe kabusha wuThinah Zungu.
Okhulumela Ithemba, uThabani Mnyandu, uthe kumanje kunezinhlelo zokuthi baxoxisane noThinah ngaleli culo njengoba bekhala ngokudliwa kwamandla abo.
“Kusiphethe kabi ukuthi iculo livele sekuthiwa elikaThinah ekubeni kuyiculo lethu elidala. Okubuhlungu kakhulu ukuthi akulona neculo elithathelwe ezihlabelelweni obekungenza ukuthi liculwe yinoma ngubani singakwazi ukuphumela obala ukuthi elethu. Salibhala lingakaze libe khona siyiThemba, saliqopha saze salibhalisa nakwaSamro ukuthi elethu njengeqembu. KwaZulu-Natal akekho ongazi ukuthi leli culo elethu njengoba kuyilona esidume ngalo kakhulu. Nangesikhathi kusekhona uBaba uMeshack Radebe Umkhumbi Wokunethezeka sasidume ngokulicula emicimbini yomnyango wakhe,” kusho uThabani.
Uthe njengoba leli culo kungelabo, akekho omunye umculi owake waliqopha kabusha.
“Ngenxa yokuthandwa kwalo, kukhona ibandla laseZayoni elake lacela ukuthi lilisebenzise ngokuthi lilicule ezinkonzweni zalo. Salivumela lagcina liculwa khona futhi asibanga nankinga noma liculwa ngabanye ngoba akekho owake waliqopha. Uma seliqoshwa kumele sithintwe nathi ngoba wumsebenzi wethu lo,” usho kanje.
Kuthintwa uThinah ngalolu daba, uthe ubengazi ukuthi leli culo eleThemba.
“Ngenxa yokuthi yiculo eselidumile bengizitshela ukuthi iculo nje elaziwayo elingaculwa yinoma ngubani. Njengoba nami ngilithathile angizange ngilibhalise njengeculo elibhalwe yimina. Bengingeke ngikwenze lokho ngoba bengazi ukuthi njengoba lidumile kungenzeka ukuthi linomninilo kodwa ebengingazi ukuthi ubani. Sengibathintile abeThemba ukuthi sixoxisane nabo ngalo. NgokwamaRoyalty asazoqhubeka aye kulona iThemba kodwa okuningi sizokuxoxa sesihlangene,” kusho uThinah.
Ngokwezinhlelo zikaThinah, leli culo ubesezokwenza ne-video yalo njengoba eselicula ngendlela yakhe ngoMashi nonyaka kodwa wagcina engayenzanga. Kube nezinkulumo zokuthi umiswe wukuthi sekusuke umsindo ngalo. Eziphendulela uthe akulona iqiniso ukuthi umiswe ukuthi kunenkinga. Uthe kuneminye imisebenzi abematasa nayo wagcina ekumisile ukwenza i-video yalo kodwa uthe uyaqhubeka uzoyenza maduze.
Uveze ukuthi noma kungeleThemba kodwa zikhona nezinhlamvu zakhe asezifakile kulona.