UDADEWABO womculi ongasekho uBulelwa Mkutukana(37) odume ngelikaZahara, uLumka uveze ukuthi isimo salo mculi besisibi njengoba ebebambekile futhi ukugula kwakhe kwaqala ekhala ngokuthi uphethwe yinyongo.
Ukusho lokhu enkonzweni kaZahara ebiseRhema Bible Church, eGoli izolo.
ULumka uvuse usizi kwabaningi njengoba ekhulume zehla mi izinyembezi kwabaningi, echaza isimo sikadadewabo esibhedlela.
“Wangifonela ngisekhaya, wathi ake ngifike eGoli ngoba akaphilile. Ngafika kuye kodwa ngangabona lutho olubi njengoba akhala ngokuthi uzwa sengathi ubanjwe yinyongo.
Ngahlala izinsuku ezimbalwa, ngaphindela emuva ekhaya, okwathi nje ngifika wafona wathi uyafa futhi usecabanga ukuya kwadokotela, okuyinto eyangimangaza kakhulu. Ngabe sengitshela nomunye womalume bethu ukuthi uthini.
Ngibe sengibuya-ke esesibhedlela lapho isimo sakhe sasiba sibi usuku nosuku. Ngelinye ilanga sisanda kuphuma kombheka, odokotela basifonela bathi asibuye, okwathi sifika basitshela ukuthi masihlale naye ngoba angasishiya noma yinini,” kuchaza uLumka.
Uthe bakhuleka amahora amane, benxusela impilo kadadewabo ukuthi ibe ngcono.
“Udokotela wasitshela ukuthi uma emshinini sibona sekungekho izinombolo sekuno-zero kuphela, uzobe esedlulile emhlabeni, ngempela sezwa ngomshini ukhala, sabona ukuthi usehambile,” kuchaza uLumka obesechiphiza izinyembezi nonina.
Amazwi kaLumka afakazelwe wumyeni kaZahara, uMpho Xaba, othe amasonto amathathu abasuka kuwo abe nganzima kakhulu kuye.
Uthe uzosikhumbula isithandwa sakhe njengoba ukuthandana kwabo kwamenza waphuma endaweni emnyama ayehlezi kuyo.
Enkonzweni uhlelo beluphethwe u-Unathi Nkayi, oluphathe ngesizotha kwaze kwaba sekugcineni.
USomizi Mhlongo okhulumele abangani, uqale waxolisa ngehlaya alenza emcimbini wama-Sama, lokuhlekisa ngesimo sophuzo oludakayo akade ekuso uZahara.
Uveze ukuthi kuleli kusamelwe kushintshwe indlela okubukwa ngayo abantu uma bebika usizi lwabo.
“Angiyena umuntu okhonze ukukhuluma, kodwa ngizovalelisa kuZahara. Engingakusho nje ukuthi ake sibanake siyisizwe uma bekhala. UZahara ukhalile phambi kwethu kodwa sangamnika usizo akade eludinga. Manje sila kuhlanganise nami. Besimhleba, sihlekisa ngaye singamniki lokhu akade ekufuna, ngiyathemba sisifundile isifundo,” kusho uSomizi.
Kule nkonzo kugqame kakhulu umculo obuthinta inhliziyo, owethulwe ngabaculi okukhona kubo uVusi Nova, Nathi Mankayi, Ringo Madlingozi noBrenda Mntambo abacule izingoma zikaZahara.
Abaphathi be-TS Records, okuyibona abagqamisa umculo kaZahara akade bengasasebenzi naye futhi bengasenabo ubudlelwane obuhle nalo mculi u-DJ Sbu no-TK Nciza bebekhona nabo enkonzweni yalo mculi.