AMACIKO angaphansi kweLove World Production, azolibangisa eLimpopo, lapho izomela iKwaZulu-Natal, emcimbini wobuciko waminyaka yonke. Umbukiso wezobuciko oxube izinhlanga ezahlukene uzoba ngoMgqibelo, kanti ubizwa ngeMpepule Day Celebration, eMpepule Village, eGiyani.
UMnuz Andile Mbatha, omunye wabasunguli beqembu lamaciko elizinze eClermont, uthe bazizwa bethobekile ngokuthola ingqayizivele yethuba lokuyoqhakambisa umsebenzi wobuciko kwesinye isifundazwe.
“Lokhu kuyakhombisa ukuthi nakuba umsebenzi esiwenzayo ubukeleka phansi kwabanye abantu, kodwa basekhona abawuhloniphayo nabawubona ubalulekile - kangangokuthi baze bafise siwukhombise ngaphandle kwesifundazwe,” kusho uMbatha.
Echaza ngabazokwenza emcimbini oqalwe ukwenziwa ngo-2016, uthe bazonandisa ngokushaya indlamu, balingise bukhoma umdlalo wasesiteji, Igegelagege Musical obhalwe nguMakhubalo Ikaneng, waqondiswa wuSosha Khumalo.
“Okusiphathe kabi nje wukuthi asixhaswanga eminyangweni kahulumeni ebesingqongqoze kuyona kodwa ngaphandle kwalokho konke kumi ngomumo. Sesikulungele ukwenza into yamehlo nozakwethu abangu-22 engiya nabo emcimbini,” kuphetha uMbatha.