ILUNGU leqembu i-2 Faced, ebunjwe nguThuli P noSlenda Da Dancing DJ, licacisa ngesimo seqembu ngemuva kokubonakala besebenza ngokwahlukana muva nje.
Ngaphandle kokungabonakali ndawonye, uSlenda ukhiphe ingoma yakhe entsha eyedwa ngoLwesihlanu olwedlule nokususe imvunge kwabanye ngokuthi kungenzeka ukuthi kunoqhekeko kulezi zintokazi.
UThuli P noSlenda basungule leli qembu ngasekupheleni konyaka odlule kwaba nelikhulu isasasa njengoba bebeqashwa ubuthaphuthaphu.
USlenda utshele leli phephandaba ukuthi iqembu aliphelile.
"I-2 Faced isakhona kodwa sithathe isinqumo sokuthi sisebenze ngokwahlukana. Besingafuni ukukhohlwa wukuzikhulisa thina. Sikhethe ukuthi ngaphambi kokuthi kube khona umsebenzi esiwukhipha ngokuhlanganyela akube khona esiwenza ngokuzimela. UThuli umatasa nowakhe naye," kusho uSlenda.
"Isikhathi sokuhlangana besingekho kakhulu kodwa sisasebenzisana. KwiDundee July nje, sizobe sidlala ndawonye. Ukusebenza noThuli kungisize kakhulu ngoba yena uyaziwa kwezokungcebeleka. Manje nobengazi useyangazi. Abantu bebengazi njengomdansi kodwa ukuzwa izilokotho ezinhle kungigqugquzele kakhulu."
USlenda, odabuka eLamontville, ukhiphe ingoma iMali Yetoho ngokubambisana noMluh. Kuyona bapike uThiby Dladla noFish ZN.
Uyikhiphe ngaphansi kwenkampani yakhe entsha iSlenda Da Dancing DJ Music.
"Ngingomunye wabadidiyeli bengoma ngoba bengifaka ukuthi ayihambe kanjani. Ngikubheke ngabomvu ukuthi ngindlondlobale kwezokungcebeleka ngizuze okuningi ngoba nginamaphupho amakhulu," kusho uSlenda oqale njengomdansi eminyakeni eyisishiyagalombili eyedlule ngaphambi kokuba wuDJ.
Uthe ukonga imali yikho okumsize ukuthi akwazi ukuvula inkampani yakhe futhi yonke into uyikhokha kuphuma ephaketheni lakhe.
Uveze ukuthi uzoqala umkhankaso womdanso ohambisana nengoma ngaphambi kokuba nomjikelezo ozohambela izindawo ezahlukene.