KUZOKHUZWA isihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu besifazane nezingane emcimbini womculo, Umuntu Nomuntu Wakhe Music Festival, ozoba ngeSonto ekuseni KwaDladla, ngasekhrosini KwaMashu.
Umhleli womcimbi osubuya ihladla lesithathu nonyaka, uSanda Magubane, uthi inhloso yabo wukugubha inyanga yothando, bese beshumayela ivangeli lobunye nokuzwana kubantu abathandanayo.
“Sifuna ukubona abantu bebumbene futhi bethandana ngaso sonke isikhathi, yingakho sisebenzisa ubuciko ukubahlanganisa ukuze silwe nesihlava esibi sokuhlukumezana ebantwini,” kuchaza uSanda.
Eqhuba, udalule ukuthi emcimbini kuzonandisa izilomo zabaculi abanjengoKhuzani, Thokozani Langa, Gadla Nxumalo, Qhoshangokwenzakwakhe, Limit, Sanda, Mjabulisi, Malahle noDJ Mngadi.
Uhlelo lomcimbi luzophathwa nguMC Nkomose, Mc Somnyama nabasakazi boKhozi FM, uZimdollar noZama Mseleku.
“Sizophinde sinike amaciko endawo angakadumi ithuba lokuzibonakalisa, ashiyelane inkundla nabaculi abaziwayo ukuwakhuthaza ukuthi angapheli moya ngobuciko babo.
“Ezokuphepha zizobe ziqine kakhulu njengoba kuzoba namaphoyisa alinganiselwa ku-200 azobe eqaphe isimo ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba ngokohlelo. Sinxusa abantu ukuthi baphelele ngobuningi babo bezojabula nathi mahhala,” kunxusa uSanda.