UQALE ngegiya eliphezulu umdlalo wethelevishini wakwa e.TV, Isiphetho: The Destiny oshukumisa izinto esiqeshini sokuqala.
Ungafunga ukuthi yifilimu esuke ikwazi ukuqoqa izigameko zidlale ngesikhathi esisodwa. Umdlalo osuzobonakala kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-6:30 ntambama, ubophele izintandokazi zabalingisi nabasha abagila izimanga kuwona usaqala nje.
Wethulwe ngokusemthethweni emcimbini owubukhazikhazi obuseCradle Botique Hotel eGoli ngeSonto.
Kubalingisi ababoshelwe kulo mdlalo, abanye babo abebeyinxenye yokwethulwa kwawo kukhona uLinda Sokhulu, Peter Mashigo, Gugu Gumede, Thulani Mtsweni, Charleston Nyathi, Nokwazi Dlamini, Smangele Mhlongo uMaka Chicken, Khaya Dladla, Tsholo Maseko ogila izimanga ngokudlala indawo yobugebengu nesoka lakhe, Jabulani Masilela, Sibusiso Sithole, Banele Zulu, Sphiwe Sithole, Thabiso Ramusi ozakhele udumo kwi-Adulting kwiShowmax, Pastor Mjosty ongomunye wabalingisi abaphambili, Hlengiwe Mavimbela ogqame enguHlomu kwiThe Wife, Kgope Kagae owaziwa ngoMrekza kwiGenerations: The Legacy, Upile uThixo Bongco nabanye.
Lo mdlalo uvundulule ikhono nakubalingisi abasha abaqalayo ukuthola ithuba lokulingisa emdlalweni wethelevishini nabafike bathola izindawo eziphambili njengoSphiwe Sithole, Sibusiso Sithole Banele Zulu, Lindani “Walk-SA” Mhlongo nabanye.
Okuqaphelekile abalingisi abasha abathole izindawo eziphambili abakwaZulu-Natal futhi batholakale ngesikhathi kunenhlolokhono yalo mdlalo ebizungeza izifundazwe.
AbeBlack Brain Pitures engabanikazi balo mdlalo bathe banethemba lokuthi umdlalo uzokwazi ukunyusa izibalo zababukeli okuyinto ebhekeke kakhulu.
“Sibone ithuba lomdlalo ozongena esikhaleni sika-6:30 ntambama phakathi nezinsuku. Ukwenza kahle kwemidlalo yethu ngokubukwa kakhulu yikhona okwenze sathatha isinqumo sokuthi sizoshukumisa ngalesi sikhathi.
“Imidlalo yethu eminingi iba ngeminye ebukwa kakhulu kwa- e.TV nokwenze sabona sinethuba lokuthi singakwenza lokho kulesi sikhala sika-6:30 ntambama phakathi nezinsuku,” kusho uMandla N.