ABALANDELI bomncintiswano wezindondo iFeather Awards, bagxeka ukuqokwa komlingisi futhi bakhala ngokuthi bekungamele abe yingxenye yawo ngenxa yokudlebeleka kwakhe.
Abalandeli abazwakalise ukungagculiseki ezinkundleni zokuxhumana, bethi uSthembiso "SK" Khoza, ongomunye wabaqokwe emunxeni weDrama Queen of the Year.
Le nsizwa ehlezi igila izimanga ezishiya abantu bebambe ongezansi, iqhathwe nomphathi wase-UCT, uSolwazi Mamokgethi Phakeng noThato weReal Housewives of Cape Town.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSK olingisa kwiThe Black Door ekhonjiswa ku- e.tv, ngonyaka odlule kusabalale izindaba zokuthi ubehlukumeza owayengunkosikazi wakhe ngokumshaya.
Uphinde waba sematheni nonyaka ngesikhathi kusabalala ividiyo ayebonakala ebhonga kuyo kuhle kwenkomo ihlatshwa, kubukeka sengathi wayeqinise nasotshwaleni.
Kwenye ividiyo wabonakala efuna ukulwa nomlungu ayexabana naye. Kuthe kusabatshazwa lokho, kwasabalala enye abonakala kuyo ematasa esithweni sangasese sowesifazane mumbe.
UPrincess ongomunye wabaphawule ngokuqokwa kwalo mlingisi, uthe: "Angiqondi ukuthi kungani amaFeather Awards ehlezi eqoka abantu abangakulungele ukungenela umncintiswano.“
UNamhla ukhale ngoSK wathi ungumhlukumezi.
Owayethandana nalo mlingisi, uGogo Maweni ngeledlule uphumele obala kwipodcast kaGigi Lamayne, echaza ngokuhlukumezeka adlula kubo ngesikhathi besathandana.
Imizamo yokuthola uSK ukuze aphawule, ayiphumelelanga ngoba wale waphetha ukukhukuma nentatheli ngesikhathi ethintwa.