KUBHEKWE ukuthi alulamele eMzansi umshwibi wamaProteas, uKagiso Rabada, kulandela ukuthinteka emlenzeni egijima emqhudelwaneni omkhulu wekhilikithi waphesheya, i-Indian Premier League.
Lo mdlali (28) obegijima kwiPunjab Kings ngeke esabonakala emqhudelwaneni ngenxa yokuhlaselwa yisifo esithize kwesinye sezicubu ezisemlenzeni.
Kwenzeka lokhu nje usanda kumenyezelwa eqenjini lesizwe elizodlala eNdebeni yoMhlaba yeT20 ezobanjelwa eWest Indies nase-United States ngenyanga ezayo, lapho kuzobe kunguyena kuphela umdlali omnyama kumaProteas.
“Umshwibi wamaProteas esilisa, uKagiso Rabada, usebuyele ekhaya esuka kwi-Indian Premier League ngenxa yesifo esithinta izicubu,” sifundeka kanje isitatimende seCSA.
Lo mdlali ubonane nochwepheshe ngesikhathi efika kuleli futhi uqashwe ngeso lokhozi yithimba lodokotela beCricket South Africa. Akulindelekile ukuthi aphazamiseke amalungiselelo akhe eNdebe yoMhlaba,”
AmaProteas azoqala lo mqhudelwano eqoqweni uGroup D lapho ezodudulana khona neNepal, Bangladesh, Sri Lanka neNetherlands.
Umdlalo wokuqala azowudlala neSri Lanka eNew York ngoJuni 3.