UNOZINTI we-Uganda ozinze kuleli, u-Ismail Watenga, ukholwa wukuthi ukuthola umphumela omuhle emdlalweni wabo wokuvula imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations neNingizimu Afrika kuzobeka izwe lakhe endaweni enhle.
I-Cranes izobhekana neBafana Bafana e-Orlando Stadium namuhla ngo-6 ntambama emdlalweni ka-Group K.
Amanye amaqembu abaqhathwe nawo kuleli qoqo yiCongo neSouth Sudan.
I-Cranes ayikaze iyishaye iBafana emidlalweni emihlanu abasayidlalile kuze kube manje. Iqembu lakuleli lidle umhlanganiso emidlalweni emithathu, owodwa waphela zibambene.
Owakamuva, okwakungowobungani, wanqotshwa yiqembu likaHugo Broos ngo 3-2 ngoJuni ka-2021, kule nkundla okuzogaduliswana kuyona namuhla.
Nokho uWatenga, odlalela iLamontville Golden Arrows, ukholwa wukuthi bangalishintsha leli rekhodi uma bengazimisela futhi badlale ngokuzethemba.
“Siseqoqweni elinzima lapho kumele sibhekane khona neNingizimu Afrika, Congo neSouth Sudan. Umdlalo phakathi kwethu neSouth Sudan ngingawufanisa nowomkhaya ngoba sisondelene kakhulu. Ngeke kube khona umdlalo olula kuleli qoqo,” kusho, uWatenga ekhuluma nesiteshi iNTVUganda kwiYouTube.
“Uma singazimisela futhi sisebenze kanzima, sizokuzuza esikufunayo. INingizimu Afrika iyiqembu elihle, kusobala ukuthi yafinyelela kowandulela owamanqamu kwi-Afcon edlule, kodwa kuhlezi kukuhle ukuthola ithuba lokubhekana namaqembu ahamba phambili kwizwekazi.
“Uma singagxila ezinhlelweni zethu, siqhubeke nomqondo omuhle esinawo njengamanje, singawuthola umphumela omuhle. Njengabadlali sizizwa sikulungele ngokomqondo nangokomzimba ukubhekana neNingizimu Afrika.”
IBafana yalala isithathu kwi-Afcon yanonyaka eyayise-Ivory Coast ngoJanuwari kuya kuFebhuwari.
I-Uganda yagcina ukuzibekisela indawo kulo mqhudelwano ngo-2019, lapho yakhishwa khona yiSenegal kwiLast 16.