IGCAGCELE esokeni emindenini yabagilwa nakumalungu omphakathi ayesekayo, iNkantolo yeMantshi yaseVerulam yenqaba ukuthi akhishwe ngebheyili umfundisi webandla labasindisiwe osolwa ngamacala okunukubeza ngokocansi abafana abancane.
UMnuz Mkhanyisi Mshalala (57), ubevele kule nkantolo izolo, lapho obekulindeleke ukuthi kukhishwe isinqumo esicelweni sakhe sokuthi adedelwe ngebheyili.
Ubhekene namacala amane okunukubeza ngokocansi abafana abaneminyaka engu-12 kuya phansi eWaterloo. Kuthiwa ubewumqeqeshi weqembu lebhola lezinyawo aphinde afundise izifundo zeBhayibheli futhi ewumfundisi ebandleni labasindisiwe elikhona endaweni.
Isinqumo sokunqatshelwa ibheyili semukelwe ngentokozo yimindeni yabagilwa namalungu omphakathi abenkanise ngaphandle kwenkantolo ukufaka ingcindezi ekutheni angayinuki.
Uyise womunye wabagilwa (igama lakhe eligodliwe ukuvikela isithunzi sendodana yakhe), uthe okumdumaza kakhulu ngomsolwa, ukuthi ubemthemba kakhulu, kanti yena uthi lala lulaza.
“Ngijabule kakhulu ngesinqumo senkantolo. Ngiyafisa ukuthi uma esegwetshwa athole isigwebo esizomenza ahlale isikhathi eside ngaphakathi. Ingane beyicela kimina ukuyodlala ngiyivumela ngangoba noma ingazobuya bengingenankinga nokuthi ilala endlini kamqeqeshi ngoba yilapho abebehlanganyela khona ngebhola noma ngezinto ezithinta isonto kwazise ubebuye abewumfundisi wabo.
“Ngiqale ukubona uma ingane ichama igazi ingafuni ukusho ukuthi kwenzenjani, ngaze ngayithembisa induku, kwayilapho igonyuluka khona ngokunukubezwa umsolwa,” usho kanje.
Umsolwa kuthiwa abagilwa ubebaphuzisa unemenayidi okukholakala ukuthi ubesuke esewuthake nesidakamizwa esithile, ebese uyabadlwengula, emva kwalokho ebasabise ngokubenzakalisa uma beke bayizeka emakhaya imikhuba yakhe.
UMnuz Khumbulani Zuma oyisishoshovu somphakathi, uveze ukuthi umsolwa uwavumile amacala athweswe wona.
“Umphakathi ubuphume ngobuningi uzokweseka imindeni yabagilwa, ufake nengcindezi enkantolo ekutheni umsolwa engayitholi ibheyili. Isinqumo senkantolo siyasenelisa. Ngesikhathi sibhikisha ngaphandle, bakhona abazali abathathu baseMhlasini, abaqinisekise ukuthi izingane zabo nazo ziphumele obala zagonyuluka ngokuhlukunyezwa umsolwa. Basuke enkantolo banikela esiteshini samaphoyisa ukuyovula amacala,” usho kanje.
Inkantolo ilihlehlisele u-Okthoba, 17 icala, njengoba kusaphenywa. Kulindeleke ukuthi sande isibalo samacala afanayo athweswa umsolwa uma esevela ngalolu suku.
Eboshwa ngenyanga edlule, kudingeke angeniswe esibhedlela ukuyokwelashwa kwazise umphakathi wawuqale wamtitinya kanzima ngaphambi kokuthi umdlulisele emaphoyiseni.