KUVELE ukuthi lalizivikela isosha elibhekene necala lokudubula amahlandla ayisithupha libulale inkosikazi yalo ePinetown, ngoJanuwari, nonyaka.
Lokhu kuvezwe u-Advocate Muzi Mzelemu ongummeli kaMnuz Lwanda Zungu, ngesikhathi enza izendlalelo zokuqala kokuqulwa kwecala eNkantolo yesiFunda yasePinetown.
UZungu usolwa ngokubulala inkosikazi yakhe, uNkk Tania Msani-Zungu, phambi kwezingane zabo.
Inkantolo ibeke izinsuku ezimbili uNovemba 25 no-26 nonyaka okulindeleke ukuthi kuqulwe ngazo icala.
Unina kamufi, uNkk Gwen Msani, ube nakho ukuthuka ngesikhathi ezwa uMzelemu enkantolo ekhuluma ngokuthi uZungu wayekade ezivikela.
“Kuyangithusa ukuthi umuntu owabulala ingane yami manje usethi wayekade ezivikela kuyona. Kusho ukuthi isibhamu saqale saphathwa ingane yami? Ithinta ubufakazi bami le nto njengomuntu owayekade ekhona endlini kwenzeka isigameko,” kusho uNkk Msani.
Uqhube wathi ubufakazi obufunwa inkantolo obufaka phakathi izithombe zendawo yesigameko yibona obuzoveza iqiniso.
Lo wesifazane uthe uyakweshwama okushiwo uZungu futhi awukho umsindo wokuhilizisana kwabantu ababebanga okuthile owawukhona.
Uthe uZungu nommeli wakhe bayazidlalela ngoba ekugcineni lizovela obala iqiniso ukuthi umufi wayengalwi kodwa wavele wabulawa.
Enkantolo kwavela ukuthi babungesebuhle ubudlelwano balaba abaganene ababusiswe ngabantwana ababili.
Inkantolo yasichitha isicelo sebheyili sikaZungu, yakhala ngokuthi uyabazi abanye ofakazi ngakho iyabaphephisa.
UZungu wazinikela emaphoyiseni eqhutshwa ummeli wakhe emuva kwezinsukwana kwenzeke isigameko.
Wacela ibheyili ethi ufuna ukuqhubeka ondle abantwana bakhe abathathu, ababili babo abazala nomufi.