UMQEQESHI uPitso Mosimane ubona sekuyisikhathi sokuthi umgadli weBafana Bafana, uPercy Tau, ayosayina inkontileka ‘yokuthatha umhlalaphansi’ njengezihlabani zomhlaba njengoba lingacaci ikusasa lakhe kwi-Al Ahly yase-Egypt.
UTau (30), osewine izindebe ezihlukene kwi-Ahly alethwa kuyona nguMosimane ngo-2021, ayikavuselelwa inkontileka yakhe. Kunezinkulumo zokuthi akamuzwa kahle umqeqeshi uMarcel Koller ofuna adayiswe ukuze kuzovuleka isikhala somunye umdlali wangaphandle. UTau, osebuya phesheya kwezilwandle, unenkontileka ezophela ngoJuni ne-Ahly. Kuvela ukuthi uthe ufuna ukuhlala ize iphele. Kuthiwa usefakiwe eqenjini elibhaliselwe ukudlala kwiCaf Champions League aseyiwine amahlandla amabili naleli qembu.
UMosimane, owayeqeqesha uTau esemncane kwiMamelodi Sundowns, uthe kumele manje lo mgadli asayine inkontileka ezobhekela ikusasa lakhe.
“UPercy ungumdlali omuhle kakhulu. Ungumdlali oseqophelweni eliphezulu. Uneminyaka engu-30 manje. Kumele athole inkontileka ezomnakekela njengoSadio Mane (oyikha ngamafosholo eSaudi Arabia) noMahrez (Reyad). Njengoba enza uBenzema (Karim). Ngicabanga ukuthi usefike kulesi sikhathi naye lapho kufanele athole inkontileka ezomnakekela. Uma u-Aubameyang (Pierre-Emerick) ekwazi ukufuduka, nabo bonke laba badlali abaphezulu beReal Madrid bayodlala eSaudi, bathole izinkontileka...(naye engakwenza). Ngisho uKevin De Bruyne wathi mhlawumbe sekufanele ahambe manje ayothola inkontileka enemali enkulu. Ngicabanga naye (uTau) uselapho. Akasadingi ukudlalela ukuzibonakalisa ukuthi uyalazi ibhola kodwa udinga iqembu elihle futhi engakukhohlwa okufanele akuthole,” kusho uMosimane.
UTau usale ngaphandle esikwatini seBafana esidlale imidlalo yakamuva yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon). Umqeqeshi, uHugo Broos, uthe uyamvikela ekugxekweni ngabalandeli njengoba engadlalanga kahle kwi-Afcon eyayise-Ivory Coast ekuqaleni konyaka. Ekhuluma ngalokhu emsakazweni, iRadio 2000, uTau uthe uBroos akazange axhumane naye ngesinqumo sakhe.
“UPercy yindoda engadingi ukuvikelwa. UPercy uyazilungisa yena. Loya muntu uyisilwane. Uhlakaniphile futhi uyakwazi ukuziphatha, edlala noma engadlali. Uma engadlali, yilapho eba yisilwane khona eziqeqesha kanzima. Uma elimele, usebenza kanzima ekutheni alulame. UPercy uyohlala ebuya. Engawa namhlanje kodwa aphinde avuke. Ngeke umgqibe. Uyohlala evuka. Uzowashaya amagoli. Uhlaselwe wukulimala kodwa waba ngumdlali ovelele e-Afrika kwabazinze lapha. Ubani osewine ngaphezu kwakhe kwiChampions League? Ubani onezindondo zethusi kwiClub World Cup? Akekho,” kusho uMosimane.
“Useqophelweni eliphezulu. Akadingi muntu ozomvikela. Usalelwe wunyaka enkontilekeni yakhe. Ngicabanga ukuthi yisikhathi esifanele sokumdayisa uma i-Al Ahly ifuna ukwenza imali ngaye ngoba uma ingakwenzi lokho kwaze kwaba wuDisemba, uzogcina ehambe mahhala.”