UBONA ukuthi wonke amaqhinga abebeqhamuka nawo abengeke asebenze ukuba abadlali bebengakholelwa kuwona umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber.
Iqembu lakukeli livikele isicoco seNdebe yoMhlaba lidlula kwiNew Zealand ngo 12-11 kowamanqamu eStade de France, eParis, ngoMgqibelo ebusuku.
Bekungokwesibili kulandelana enqoba lo mqhudelwano njengoba akwenza naseJapan ngo-2019 eguqisa i-England kowamanqamu.
Abe yiqembu lokuqala ukunqoba le ndebe amahlandla amane njengoba ayithatha nango-1995 eNingizimu Afrika nango-2007 eFrance.
Abaqeqeshi bamaBhokobhoko bathathe izinqumo ebezingalindelekile kulo mqhudelwano ebezingabeka iqembu engcupheni kodwa zagcina zilisebenzele njengoba ebuye nayo indebe.
Ngesikhathi edlala owamaqoqo neRomania afaka abadlali abane abajwayele ukudlala kwi-scrumhalf, ebasebenzisa ezindaweni ezehlukene enkundleni. Ngesikhathi kulimala uMalcolm Marx, odlala kwi-hooker, awazange abize umdlali odlala endaweni efanayo, akhetha ukuvala isikhala sakhe ngoHandre Pollard, odlala kwi-flyhalf.
UPollard uyena oshaye wonke amaphenathi elakuleli enqobe ngawo kowamanqamu.
Nangesikhathi kulimala uMakazole Mapimpi odlala ephikweni akazange asebenzise lelo thuba ukuvala isikhala kwi-hooker, kwabizwa uLukhanyo Am, odlala maphakathi.
Lokhu kuholele ekutheni leli qembu lithembele kubadlali abebengajwayele ukudlala kule ndawo, uDeon Fourie noMarco van Staden, ukuthi kube yibona abalekelela uBongi Mbonambi kwi-hooker.
Kucishe kwawabhedela amaBhokobhoko ngesikhathi uMbonambi elimala usanda kuqala umdlalo kowamanqamu nama-All Blacks, kwaphoqeleka ukuthi uFourie adlale isikhathi eside.
Okunye abaqeqeshi baleli qembu abakwenzile kowamanqamu ukufaka abadlali abayisikhombisa baphambili ebhentshini noyedwa kuphela wasemuva, okuchaza ukuthi abanye abadlali abadlale imidlalo eminingi kulo mqhudelwano njengoManie Libbok noCobus Reinach basale ngaphandle.
“Ukube besibuzwa ukuthi yibaphi abadlali esingafuni ukubabona belimala ngasekuqaleni komdlalo besizothi uBongi noFaf (De Klerk), kodwa siyazazi izinqumo esizithathile neqembu esilikhethile. Kuhlale kunobungozi kodwa siyazama ukuba nezinhlelo zokumelana nezimo esingabhekana nazo,” kusho uNienaber kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Sesikhululekile ngoba siwunqobile umdlalo. Sijabulela abalandeli naleli qembu elinabadlali abakhethekile. Njengeqembu labaqeqeshi besihlale sicabanga ukuthi ngeke sikuphambanise lokhu ngoba lokhu sikuhlele kusukela ngo-2018. Ukunqoba iNdebe yoMhlaba ka-2019 yinto esanda kwenzeka kodwa inhloso enkulu bekuwukunqoba iNdebe yoMhlaba ka-2023.
“Ngibajabulele kakhulu abadlali, kubafanele lokhu. Besinabadlali abangu-33 esibathembile. Kungenzeka ukuthi akubona abadlali abahamba phambili ezindaweni abadlala kuzona kodwa abadlali abalungele lokhu ebesifuna ukukwenza.
“Angisho ukuthi singabantu abahlakaniphe kakhulu kodwa isikwati esinaso sisinika ithuba lokwenza izinto ezingajwayelekile. Uma singabakhethi kumele bakwamukele lokho. Kusobala ukuthi basuke bephoxekile kodwa ngemuva kwamahora ambalwa bayamukela. Bayawuqonda umsebenzi wabo futhi abazibeki phambili kodwa babeka iqembu phambili.”
Lona bekuwumdlalo wokugcina kaNienaber namaBhokobhoko njengoba esezoqeqesha iLeinster yase-Ireland. Nokho ebuzwa ngemizwa yakhe uthe akagxilile kuyona okwamanje njengoba engenaso isiqiniseko sokuthi uzobuyela yini eqenjini lesizwe eminyakeni ezayo.