Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uthi kuyamjabulisa ukuhlonishwa ngeziqu zobudokotela yinyuvesi yangakubo eKapa, iCape Peninsula University of Technology (CPUT), emcimbini ozoba ngoLwesine ngoba lokho kusho ukuthi umndeni wakhe uzokwazi ukuwuthamela.
U-Ellis oke waba ngukaputeni weBanyana uzohlonishwa ngeHonorary Doctorate in Sports Management.
Ucashunwe kwi-website yenyuvesi ethi uphelelwe ngamazwi ngoba ushaqekile.
“Ngizizwa ngithobekile futhi ngibusisekile. UNkulunkulu uyamangalisa.Ngibonga kakhulu kwi-CPUT ngokungihlonipha.
“Ngicela niqhubeke nidalele abanye besifazane amathuba nibabungaze ngempumelelo yabo.
“Qhubekani neseke futhi nigqamise amagama abesifazane,” kusho yena.
Ngonyaka odlule uhlonishwe wuMengameli uCyril Ramaphosa ngendondo ye-Order of Ikhamanga ngamagalelo akhe.
Lo mqeqeshi unqobe isicoco seWomen’s Africa Cup of Nations neBanyana ngo-2022 nokwenze wahola leli qembu liyomela i-Afrika kwiFifa World Cup ngonyaka odlule, yangena okokuqala kwi-Last 16 yalo mqhudelwano.
IBanyana ihlulekile ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azoba seFrance kusuka ngoJulayi ishaywa yiNigeria ngo 1-0 emdlalweni wokugcina kweyokuhlunga.